Ugcobe futhi noJehu, indodana kaNimishi, abe yinkosi kwa-Israyeli, bese ugcoba no-Elisha, indodana kaShafathi wase-Abhela Mehola, abe ngumphrofethi esikhundleni sakho.
AmaHubo 45:7 - IsiZulu 2020 Uthanda ukulunga, uzonde ububi. Yingakho uNkulunkulu, uNkulunkulu wakho, ekugcobe ngamafutha entokozo ngaphezulu kwabangani bakho. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ukuthandile ukulunga, wakuzonda okubi: ngakho-ke uNkulunkulu, uNkulunkulu wakho, ukugcobile ngamafutha enjabulo ngokungaphezu kwabangane bakho. Contemporary Zulu Bible 2024 Uthanda ukulunga, uzonda ububi; ngalokho uNkulunkulu, uNkulunkulu wakho, ukugcobile ngamafutha enjabulo ngaphezu kwabangane bakho. |
Ugcobe futhi noJehu, indodana kaNimishi, abe yinkosi kwa-Israyeli, bese ugcoba no-Elisha, indodana kaShafathi wase-Abhela Mehola, abe ngumphrofethi esikhundleni sakho.
Njalo ekuseni ngizobabhubhisa ababi ezweni, ngibaqede bonke abenzi bokubi emzini kaSimakade.
Ngokuba uSimakade ulungile, uyazithanda izenzo ezilungileyo; abaqotho bayakububona ubuso bakhe.
Amakhosi omhlaba ayazihlanganisa, nababusi baceba icebo ngogcotshiweyo kaSimakade, bathi:
Ngokuba uyibeke ukuba ibe yisibusiso kuze kube phakade; uyenza ithokoze, ijabule ngobukhona bakho.
Nkosi enamandla, mthandi wokulungileyo, uqinise ubuqotho, waphakamisa ubulungiswa nokulunga kwaJakobe.
Kepha uyakwehlulela abampofu ngokulunga, alunqume ngokufaneleyo udaba lwabathobekileyo bomhlaba, uyakushaya umhlaba ngentonga yomlomo wakhe, ababulale ababi ngokuphefumula kwezindebe zakhe.
Ngokuba sizalelwe uMntwana, siphiwe iNdodana; umbuso uyokuba semahlombe akhe. IGama lakhe kuyothiwa nguMeluleki omangalisayo, uNkulunkulu onamandla, uYise ongunaphakade, uMbusi wokuthula.
Wathela amanye amafutha okugcoba ekhanda lika-Aroni, wamgcoba, wamhlukanisela umsebenzi.
UJesu waphendula, wathi kuye: “Vuma manje, ngokuba kusifanele ukugcwalisa kanjalo ukulunga konke.” Ngakho-ke wamvumela.
Khona ngiyakubatshela emehlweni, ngithi: ‘Angizange nginazi; sukani kimi nina benzi bokubi.’
“Kepha yena uyakuthi: ‘Ngithi kini: anginazi ukuthi nivela kuphi. Sukani kimi nina nonke, benzi bobubi.’ ”
uMoya oNgcwele wehlela phezu kwakhe, enesimo somzimba wejuba; kwezwakala izwi livela ezulwini, lithi: “Wena uyiNdodana yami ethandekayo; ngithokozile ngawe.”
UJesu wathi kuye: “Ungangithinti, ngokuba angikenyukeli kuBaba. Kepha hamba uye kubazalwane bami, ubatshele ukuthi ngenyukela kuBaba noYihlo, kuNkulunkulu wami noNkulunkulu wenu.”
Othunywe nguNkulunkulu ukhuluma amazwi kaNkulunkulu, ngokuba uNkulunkulu umuphe ngokupheleleyo uMoya.
Ngokuba labo ayebazi phambilini, wabamisa kwaphambilini ukuba bafane nesimo seNdodana yakhe, ukuze yona ibe yizibulo kubazalwane abaningi;
Makabongwe uNkulunkulu uYise weNkosi yethu uJesu Khristu, osibusisile ezulwini kuKhristu ngaso sonke isibusiso sokomoya;
Uthandile ukulunga, wazonda ububi; ngakho-ke uNkulunkulu, uNkulunkulu wakho, ukugcobile ngamafutha enjabulo ngaphezu kwabangani bakho.”
Ngakho-ke njengalokhu abantwana bahlanganyela igazi nenyama, naye uqobo wahlanganyela khona lokho, ukuze ngokufa kwakhe ambhubhise onamandla phezu kokufa; uSathane,
Ngokuba umphristi omkhulu onjengaye usifanele thina; ongcwele, ongenacala, ongenasici, owehlukanisiwe kwabayizoni, owenziwe waphakama phezu kwamazulu.
Akukho lutho olungcolileyo oluyakungena kuwo nanini, owenza amanyala noqamba amanga, kuphela labo abalotshiwe encwadini yokuphila yeWundlu.
USamuweli wayesethatha uphondo lwamafutha, wamgcoba phakathi kwabafowabo; uMoya kaSimakade wehlela ngamandla phezu kukaDavide, kusukela ngalolo lusuku kuya phambili. Wayesesuka uSamuweli, waya eRama.