AmaHubo 45:5 - IsiZulu 2020 Imicibisholo yakho icijile, ingena enhliziyweni yezitha zenkosi, izizwe ziwa phansi kwakho. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Imicibisholo yakho ibukhali, izizwe ziyawa phansi kwakho; isenhliziyweni yezitha zenkosi. Contemporary Zulu Bible 2024 Imicibisholo yakho ibukhali enhliziyweni yezitha zenkosi; abantu abawela ngakho phansi kwakho. |
Yonke imikhawulo yomhlaba iyokhumbula, bese iphendukela kuSimakade, nayo yonke imindeni yezizwe iyokhothama phambi kwakho;
Ezinsukwini zalo, uJuda uyakusindiswa, u-Israyeli ahlale elondekile; nanti igama eliyakubizwa ngalo, lokuthi: USIMAKADE UNGUKULUNGA KWETHU.
“UNkulunkulu owabakhipha eGibhithe; unjengezimpondo zenyathi kubo; uyoqothula izizwe, izitha zakhe, ephule amathambo azo, azigwaze ngemicibisholo yakhe.
Sebekuzwile lokho, bahlabeka enhliziyweni, bathi kuPhethro nakwabanye abaphostoli: “Madoda, bazalwane, sizokwenzenjani na?”
Ngakho-ke abalamukelayo izwi lakhe babhabhadiswa, kwanezelelwa ngalolo suku abantu okungathi bayizi-3 000.
Izwi likaNkulunkulu lasabalala, kwathi inani labafundi lakhula kakhulu eJerusalema, nesixuku esikhulu sabaphristi sayamukela inkolo.