Bonke abomhlaba abacebileyo bayokudla, badumise, nalabo asebewuthuli othulini, bayokhothama phambi kwakhe, ngisho nalowo ongenakuwugcina umphefumulo wakhe uphilile.
AmaHubo 45:12 - IsiZulu 2020 Indodakazi yaseThire nabantu abacebileyo bancenga umusa wakho ngesipho. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Indodakazi yaseTire, yebo, nabacebileyo babantu bancenga umusa wakho ngesipho. Contemporary Zulu Bible 2024 Indodakazi yaseThire iyoba lapho nesipho; nabacebileyo phakathi kwezizwe bayakucela umusa wakho. |
Bonke abomhlaba abacebileyo bayokudla, badumise, nalabo asebewuthuli othulini, bayokhothama phambi kwakhe, ngisho nalowo ongenakuwugcina umphefumulo wakhe uphilile.
Amakhosi aseTharishishi nawaseziqhingini ayakuletha izipho. Amakhosi aseShebha naseSebha ayoletha izipho.
Juba lami elisemifantwini yedwala elisekusithekeni endaweni eyehlelayo, mangikubone siqu sakho. Mangizwe izwi lakho, ngokuba izwi lakho limnandi, nesiqu sakho siyabukeka.
Amakhosi ayakuba ngabazanyana bakho, nezindlovukazi zawo zibe ngabancelisi bakho; bayokukhothamela, ubuso bubheke phansi, bakhothe uthuli lwezinyawo zakho; uyokwazi ukuthi nginguSimakade, abethembela kimi abayukujabha.”
Zase zingena endlini, zabona umntwana nonina uMariya, zawa phansi, zakhuleka kuye. Zavula amagugu azo, zamkhunga ngezipho: igolide, amakha, nenhlaka.