Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




AmaHubo 45:11 - IsiZulu 2020

khona inkosi izokhangwa ngubuhle bakho, ngokuba yona iyinkosi yakho, uboyikhothamela.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

yikhona inkosi izakubuthanda ubuhle bakho, ngokuba yona iyinkosi yakho, woyikhothamela.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Inkosi izabufisa kakhulu ubuhle bakho, ngoba iyiNkosi yakho; nimkhonze.

Uka jalj uñjjattʼäta



AmaHubo 45:11
25 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Yangeni indodana, funa ithukuthele, bese nibhubha endleleni, ngokuba ulaka lwayo luvutha masinyane. Kepha babusisiwe bonke abaphephela kuyo.


Nkulunkulu, isihlalo sakho sobukhosi simi kuze kube phakade. Intonga yokulunga iyintonga yombuso wakho.


Wozani sikhuleke, sikhothame, siguqe phambi kukaSimakade, uMenzi wethu.


Uma ungazi, wena omuhle kunabo bonke abesifazane, landela imizila yomhlambi, weluse amazinyane akho ngasemathendeni abelusi.


Juba lami elisemifantwini yedwala elisekusithekeni endaweni eyehlelayo, mangikubone siqu sakho. Mangizwe izwi lakho, ngokuba izwi lakho limnandi, nesiqu sakho siyabukeka.


Njengomnduze phakathi kwameva, sinjalo isithandwa sami phakathi kwezintokazi.


Umuhle ngokuphelele sithandwa sami, akukho sici kuwe.


Sithandwa sami, umuhle njengeThirisa, uyabukeka njengeJerusalema, uyahlonipheka njengempi.


Ngokuba uMenzi wakho ungumyeni wakho, nguSimakade Wamabandla, igama lakhe; oNgcwele ka-Israyeli onguMhlengi wakho, obizwa ngokuthi nguNkulunkulu womhlaba wonke.


USimakade uNkulunkulu wakho unawe, iqhawe eliyakukunqobisa. Uyakukujabulela kakhulu wena, athule othandweni lwakhe, akuthokozele ngokuhlokoma kwentokozo.”


Bakhuleka kuye, base bebuyela eJerusalema benokuthokoza okukhulu.


UThomase waphendula, wathi kuye: “Nkosi yami, Nkulunkulu wami!”


Walithumela izwi kubantu bakwa-Israyeli, eshumayela ivangeli lokuthula ngaye uJesu uKhristu; okunguYena oyiNkosi yabo bonke.


Ngenxa yalokho uKhristu wafa, wabuye waphila ukuze abe yiNkosi yabafileyo neyabaphilayo.


Yebo impela, ngikushaya indiva ngenxa yobukhulu bokumazi uKhristu uJesu iNkosi yami, engilahlekelwe yikho konke ngenxa yakhe, ngikushaya izibi ukuze ngizuze uKhristu,