UZedekiya, indodana kaKhenahana, wazenzela izimpondo zensimbi, wathi: “Usho kanje uSimakade, uthi: ‘Ngalezi zimpondo uyakuqhubukusha ama-Aramu, uze uwabhubhise.’ ”
AmaHubo 44:5 - IsiZulu 2020 Ngawe sizakuzilahla phansi izitha zethu, ngegama lakho sizakubanyathela abasivukelayo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngawe sizakulahla phansi izitha zethu; ngegama lakho sizakunyathela abasivukelayo. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngawe sizacindezela izitha zethu; ngegama lakho siyakunyathela abasivukelayo. |
UZedekiya, indodana kaKhenahana, wazenzela izimpondo zensimbi, wathi: “Usho kanje uSimakade, uthi: ‘Ngalezi zimpondo uyakuqhubukusha ama-Aramu, uze uwabhubhise.’ ”
Simakade, ekuseni uyalizwa izwi lami; ekuseni ngethula kuwe isicelo sami, ngilinde.
Ngokuba uSimakade ungumehluleli wethu, uSimakade usishayela imithetho, uSimakade uyinkosi yethu; Yena uyokusisindisa.
Ngabona inqama igasela entshonalanga, enyakatho, naseningizimu; kwakungekho silo esasingama phambi kwayo, kwakungekho ongophula esandleni sayo, kepha yenza njengentando yayo, yazikhulisa.
Bayakuba njengamaqhawe enyathela udaka emigwaqweni lapho kuliwa. Bayakulwa, ngokuba uSimakade ungakubo, bathelwe ngehlazo abagibeli bamahhashi.
Kepha uNkulunkulu wokuthula uzakumchoboza masinyane uSathane phansi kwezinyawo zenu. Umusa weNkosi yethu uKhristu mawube nani.
Izibulo lenkunzi yakhe, udumo lwakhe, nezimpondo zenyathi ziyizimpondo zakhe; ngazo uyakuqhubukusha izizwe zonke ekugcineni komhlaba; zinjalo izigidi zakwa-Efrayimi, zinjalo izinkulungwane zakwaManase.’