USara washaywa wuvalo, wenza izaba wathi: “Angihlekanga.” Kepha iNkosi yathi: “Qha, uhlekile.”
AmaHubo 44:22 - IsiZulu 2020 Ngenxa yakho, sibulawa usuku lonke, sifana nezimvu zokuhlatshwa. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Yebo, ngenxa yakho sibulawa usuku lonke, siphathiswa okwezimvu zokuhlatshwa. Contemporary Zulu Bible 2024 Yebo, ngenxa yakho siyabulawa usuku lonke; sibalwa njengezimvu ezihlatshiweyo. |
USara washaywa wuvalo, wenza izaba wathi: “Angihlekanga.” Kepha iNkosi yathi: “Qha, uhlekile.”
Wathi: “Ngishisekele nokushisekela uSimakade uNkulunkulu Wamabandla, ngokuba abantu bakwa-Israyeli basilahlile isivumelwano sakho, badilize ama-althare akho, babulala abaphrofethi bakho ngenkemba; sekusele mina ngedwa, sebefuna umphefumulo wami ukuba bawususe.”
Yacindezelwa, yahlushwa, kodwa ayiwuvulanga umlomo wayo. Njengewundlu liyiswa ekuhlatshweni, nanjengemvu ithule phambi kwabagundi bayo, ayiwuvulanga umlomo wayo.
“Mina Simakade ngiyayiphenya inhliziyo, ngihlole nezinso; ukuba nginike yilowo nalowo njengokwezindlela zakhe, nanjengezithelo zezenzo zakhe.”
Kepha konke lokho bayakukwenza kini ngenxa yegama lami, ngokuba bengamazi ongithumileyo.
Ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Ngenxa yakho, sibulawa usuku lonke; sifana nezimvu zokuhlatshwa.”
Ngokuba ngiyabona ukuthi thina baphostoli, uNkulunkulu usenze saba ngabokugcina, njengabanqunyelwe ukuba bafe, ngokuba sesiphenduke into yokubukwa yizwe, yizingelosi, nabantu.
“Simakade, Nkulunkulu wonkulunkulu! USimakade, uNkulunkulu wonkulunkulu uyazi, no-Israyeli makazi! Uma kungukuhlubuka noma kungukwephula ukholo kuSimakade, ningasiyekeli sisinde namuhla,
Ngase ngibona owesifazane edakwe yigazi labangcwele negazi lofakazi bakaJesu. Ngamangala ngokumangala okukhulu.