Ngokuba ngikuzwile ukuhleba kwabaningi, nokwesabisa nxazonke. Baceba amacebo okumelana nami; bahlongoza ukungibulala.
AmaHubo 41:7 - IsiZulu 2020 Bonke abangizondayo bahlangana ngami, bahlebelane ngami, bengisongela, bethi: IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bonke abangizondayo banyenyezelana ngami: bangisongozela okubi, bathi: Contemporary Zulu Bible 2024 Bonke abangizondayo bahleba ngami; baceba ububi bami ngami. |
Ngokuba ngikuzwile ukuhleba kwabaningi, nokwesabisa nxazonke. Baceba amacebo okumelana nami; bahlongoza ukungibulala.
Ngaphandle kwezikhuni, umlilo uyacima, kanjalo lapho kungekho khona abahlebayo, ingxabano iyaphela.
Bagcwele konke ukungalungi; ukonakala, umhobholo nobubi; begcwele umhawu, ukubulala, ukuphikisana, inkohliso, ubuqili nokuhleba.
Ngokuba nginovalo lokuthi lapho ngifika kini, mhlawumbe ngizakunifumana ningenjengalokho engikulindele, nami ningifumane nginjengalokho eningakulindele. Nginovalo, hleze kube khona ukuphikisana, umona, ukuthukuthela, imibango, ukuhleba, ukuzikhukhumeza nezinxushunxushu,