UBhenaya, indodana kaJehoyada, wayiphendula inkosi, wathi: “Makube njalo; uSimakade uNkulunkulu wenkosi yami, inkosi, makasho njalo naye.
AmaHubo 41:13 - IsiZulu 2020 Makabongwe uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, kusukela phakade kuze kube phakade. Amen, Amen. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Makabongwe uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, kusukela phakade kuze kube phakade. Amen, Amen. Contemporary Zulu Bible 2024 Makabongwe uJehova, uNkulunkulu ka-Israyeli, kusukela phakade kuze kube phakade. Amen, futhi Amen. |
UBhenaya, indodana kaJehoyada, wayiphendula inkosi, wathi: “Makube njalo; uSimakade uNkulunkulu wenkosi yami, inkosi, makasho njalo naye.
Makabongwe uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, kusukela phakade kuze kube phakade. Bonke abantu bathi: “Amen,” bamdumisa uSimakade.
UDavide wayesemdumisa uSimakade phambi kwebandla lonke, wathi: “Mawubongwe Simakade Nkulunkulu ka-Israyeli, ubaba, kuze kube phakade.
Makabongwe uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, kusukela phakade kuze kube phakade. Abantu bonke mabathi: “Amen.” Haleluya!
yebo, umphrofethi uJeremiya, wathi: “Amen, makenze kanjalo uSimakade, awafakazele amazwi akho owaphrofethile, ngokubuyisela izitsha zendlu kaSimakade, nabo bonke abathunjelwa eBhabhele, kule ndawo.
lawa manzi aletha isiqalekiso, ayongena ezibilini zakho, avuvukalise isisu sakho, ashwabanise ithanga lakho;” owesifazane uyakuthi: “Amen! Amen!”
ungasingenisi ekulingweni, kodwa usikhulule kokubi; ngokuba umbuso ungowakho, namandla, nenkazimulo, kuze kube phakade. Amen.’
Uma ngingenzi kanjalo lowo ongazi lutho uyosho kanjani ukuthi Amen ekubongeni kwakho na? Lokhu akazi ukuthi uthini.
Makabongwe uNkulunkulu uYise weNkosi yethu uJesu Khristu, osibusisile ezulwini kuKhristu ngaso sonke isibusiso sokomoya;
ethi: “Siyakubonga, Nkosi Nkulunkulu, Somandla, okhona nowawukhona, ngokuba uthabathe amandla akho amakhulu, wabusa;
Ofakaza ngalezi zinto uthi: “Yebo, ngiyeza masinyane.” Amen. Woza, Nkosi uJesu!
Kwakukhona nezidalwa ezine, yileso naleso kuzo sinamaphiko ayisithupha. Nhlangothi zonke nangaphakathi zigcwele amehlo, zingakhawuli imini nobusuku ukuthi: “Ingcwele, ingcwele, ingcwele, iNkosi uNkulunkulu uSomandla owayekhona nokhona nozayo.”
“Amen! Udumo, nenkazimulo, nokuhlakanipha, nokubongwa, nokuhlonishwa, namandla, nokunqoba kungokukaNkulunkulu wethu kuze kube phakade naphakade. Amen!”