U-Absalomu wathumela ku-Ahithofeli, umGiloni, umeluleki kaDavide owayevela emzini iGilo, lapho esanikela ngemihlatshelo. Lwaqina-ke uzungu, futhi banda nabantu ngasohlangothini luka-Absalomu.
AmaHubo 41:10 - IsiZulu 2020 Kepha Wena Simakade, ngihawukele, ungilulamise, ukuze ngiziphindiselele ezitheni zami. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha wena Jehova, ngihawukele, ungilulamise, ukuze ngibaphindisele. Contemporary Zulu Bible 2024 Kodwa wena Jehova, ngihawukele, ungiqondise, ukuze ngibabuyisele. |
U-Absalomu wathumela ku-Ahithofeli, umGiloni, umeluleki kaDavide owayevela emzini iGilo, lapho esanikela ngemihlatshelo. Lwaqina-ke uzungu, futhi banda nabantu ngasohlangothini luka-Absalomu.
Abangani bami ebesingamathe nolimi nabo sebeyangenyanya, nalabo engibathandayo sebengifulathele.
Besihlala ndawonye kamnandi; besihamba simshungu munye siya endlini kaNkulunkulu nebandla elithokozayo.
Yiba nomusa kimi, Nkulunkulu, ngihawukele. Ngokuba umphefumulo wami uphephela kuwe. Ngizokhosela emthunzini wamaphiko akho, zize zedlule izinhlekelele.
Ngizwile ukuhleba kwabaningi, bethi: “Luvalo nxazonke. Mmangalele! Masimmangalele!” Bonke abangani bami sebelinde ukuwa kwami. “Mhlawumbe uyakuyengeka, simehlule, siziphindisele kuye.”
Bonke owenze isivumelwano nabo bayakukuxoshela emingceleni; abantu obuhleli nabo ngokuthula bayakukukhohlisa, bakunqobe; labo obudla isinkwa sakho nabo bayakubeka ugibe phansi kwakho; akekho oluqondayo.
Kepha lezo zitha zami ezazingathandi ukuba ngizibuse, ziletheni lapha, nizibulale ngizibonela ngawami.”