AmaHubo 40:3 - IsiZulu 2020 Wabeka iculo elisha emlonyeni wami, ihubo lokudumisa uNkulunkulu wami, abaningi bayokubona lokho, besabe, bese bethembela kuSimakade. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wabeka igama elisha emlonyeni wami, igama lokubonga uNkulunkulu wethu; abaningi bayakukubona, besabe, bamethembe uJehova. Contemporary Zulu Bible 2024 Wafaka igama elisha emlonyeni wami, indumiso ngenkazimulo kaNkulunkulu wethu; abaningi bayakukubona, besabe, bamethembe uJehova. |
Umphefumulo wami ukhulule ejele, ukuze ngibonge iGama lakho. Abalungileyo bayongizungeza, ngoba uzongiphatha kahle.
Ngiyakuhlabelela kuwe Nkulunkulu isihlabelelo esisha, ngogubhu olunezintambo ezilishumi, ngiyakukuhubela.
Ngokuba uzongifihla edokodweni lakhe ngosuku lwenhlupheko, angicashise endaweni efihlakele ethendeni lakhe, angiphakamisele edwaleni.
Mabethabe, bajabule abathokoza ngokulunga kwami; mabathi njalo njalo: “Makadunyiswe uSimakade othokoza ngenhlalakahle yenceku yakhe.”
Ngikhathele wukukhala, umphimbo wami ugagadekile. Amehlo ami anqundekile ngukulindela uNkulunkulu wami.
Kuyakuthi emveni kwalokho abantu bakwa-Israyeli baphenduke, bafune uSimakade uNkulunkulu wabo noDavide inkosi yabo, bayakuzithoba kuSimakade nasebuhleni bakhe ekupheleni kwezinsuku.
Bahlabelela kwangathi yigama elisha phambi kwesihlalo sobukhosi, naphambi kwezidalwa ezine namalunga, kodwa akubanga bikho noyedwa owaba namandla okufunda lelo culo, kuphela abayizi-144 000 ababehlengwe emhlabeni.