Abahluphekayo bayokudla, basuthe; labo abamfunayo uSimakade, bayomdumisa. Sengathi izinhliziyo zenu zingaphila ingunaphakade.
AmaHubo 40:10 - IsiZulu 2020 Ukulunga kwakho angikuthukusanga enhliziyweni yami, ngikumemezele ukwethemba kwakho nensindiso yakho. Angizange ngilifihlele ibandla elikhulu umusa wakho neqiniso lakho. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ukulunga kwakho angikuthukusanga enhliziyweni yami; ngashumayela ukukholeka kwakho nensindiso yakho; umusa wakho neqiniso lakho angikufihlelanga ibandla elikhulu. Contemporary Zulu Bible 2024 Ukulunga kwakho angikufihlanga enhliziyweni yami; Ngikwazisile ukuthembeka kwakho nensindiso yakho; umusa wakho neqiniso lakho angikufihlanga ebandleni elikhulu. |
Abahluphekayo bayokudla, basuthe; labo abamfunayo uSimakade, bayomdumisa. Sengathi izinhliziyo zenu zingaphila ingunaphakade.
Zonke izindlela zikaSimakade ziyisihawu nokwethembeka kulabo abagcina isivumelwano sakhe, nobufakazi bakhe.
Nasi isihlupheki esakhala uSimakade wasilalela, wasisindisa kuzo zonke izinhlupheko esasikuzo.
Kepha mina ngiyakumemezela ngakho kuze kube phakade, ngidumise uNkulunkulu kaJakobe.
Ngizohlabelela ngomusa kaSimakade kuze kube phakade, ngomlomo wami, ngazise izizukulwane ngezizukulwane ukwethembeka kwakho.
Yebo, uthi: “Kuyinto elula ukuba ube yinceku yami, ukuvusa izizwe zakwaJakobe, nokubuyisa abaseleyo bakwa-Israyeli; ngalokho ngiyakukwenza ube ngukukhanya kwabezizwe, ube yinsindiso yami kuze kube semkhawulweni womhlaba.”
Uyakukhuluma amazwi ami kubo, noma ngabe bayalalela noma bawashaya indiva, ngokuba bangabahlubuki.
Uyakwethembeka kuJakobe ube nomusa ku-Abhrahama owafunga ngawo kobaba ezinsukwini zasemandulo.
lokhu bengakwazi ukulunga kukaNkulunkulu, bafuna ukumisa okwabo ukulunga; abakuthobelanga ukulunga kukaNkulunkulu.
ngifunyanwe kuye ngingenakho ukulunga okungokomthetho, kodwa lokho okuvela ngokukholwa nguKhristu, ngisho ukulunga okuvela kuNkulunkulu ngokukholwa,
Ngokuba izwi leNkosi lizwakele livela kini, hhayi nje kuphela eMakhedoniya nase-Akhaya, kodwa ezindaweni zonke lapho bezwe khona ngokukholwa kwenu kuNkulunkulu, ngakho-ke akusadingeki ukuba sikhulume ngakho.
Lithembekile leli lizwi, futhi lifanele impela ukwemukelwa, elithi: uKhristu uJesu weza emhlabeni ukuzosindisa izoni, engingesikhulu mina kuzo.
UMoya nomakoti bathi: “Woza!” Nozwayo makathi: “Woza!” Nowomileyo makeze; othandayo makathabathe amanzi okuphila ngesihle.