Wathi kubantu: ‘Bhekani, ukwesaba iNkosi kungukuhlakanipha; ukusuka enkohlakalweni kungukuqonda.’ ”
AmaHubo 4:4 - IsiZulu 2020 Thukuthelani, kodwa ningoni; zindlani enhliziyweni yenu, embhedeni wenu, nithule. Sela IBHAYIBHELI ELINGCWELE Thukuthelani ningoni; zindlani enhliziyweni yenu okhukhweni lwenu, nithule. Sela* Contemporary Zulu Bible 2024 Yesabani, ningoni; khulumani nenhliziyo yenu embhedeni wenu, nithule. Sela. |
Wathi kubantu: ‘Bhekani, ukwesaba iNkosi kungukuhlakanipha; ukusuka enkohlakalweni kungukuqonda.’ ”
Izikhulu zingizingela ngaphandle kwesizathu, kodwa inhliziyo yami yesaba izwi lakho.
Ngiyakukhala kuwe, ngokuba uyongiphendula, Nkulunkulu; beka indlebe yakho kimi, uzwe engikukhulumayo.
Umhlaba wonke mawumesabe uSimakade; bonke abakhileyo ezweni, mabathuthumele phambi kwakhe.
Thulani, niqonde ukuthi Mina nginguNkulunkulu, ngiyakuphakama kwabezizwe, ngiphakame emhlabeni.
Ebusuku ngiyakhumbula ukubetha kwami ugubhu, ngizindla enhliziyweni yami, nomoya wami uyahlolisisa.
Umendo wabaqotho ungukudeda ebubini; oqaphela indlela yakhe ulondoloza umphefumulo wakhe.
Ngomusa neqiniso isiphambeko siyathethelelwa, ngokwesaba uSimakade ububi buyadeda.
Aningesabi yini?” kusho uSimakade. “Anithuthumeli yini phambi kwami? Mina engibeke isihlabathi saba ngumkhawulo wolwandle, umngcele ophakade olungenakudlula kuwo na? Noma lungagubha amagagasi, alunakuwehlula, noma lungaduma, alunakuweqa.
Kodwa uSimakade esethempelini lakhe elingcwele; thula phambi kwakhe, mhlaba wonke.”
Zihloleni nina, nibone ukuthi nisekukholweni yini, zivivinyeni nina. Noma anazi yini ukuthi uJesu uKhristu ukini na? Uma kungenjalo, ningabokwaliwa.