UJakobe waphendula wathi: “Izinsuku zokugogobala kwami emhlabeni seziyiminyaka eyi-130, zimfishane, kanti bezigcwele ubunzima. Kaziqhathaniseki nokho neminyaka eyaphilwa ngokhokho bami ngesikhathi eside sokugogobala kwabo.”
AmaHubo 39:5 - IsiZulu 2020 Bheka, izinsuku zami wazenza zaba ngangobubanzi besandla, imihla yokuphila kwami ayilutho kuwe, impela yilowo nalowo muntu ungumoya nje, noma eqine kangakanani. Sela IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bheka, izinsuku zami wazenza zaba ngangobubanzi besandla; imihla yokuphila kwami ayilutho kuwe; impela yilowo nalowo muntu ungumoya nje, noma eqine kangakanani. Sela* Contemporary Zulu Bible 2024 Bheka, wenzé izinsuku zami zaba njengobubanzi besandla; futhi iminyaka yami ayilutho phambi kwakho; impela, wonke umuntu ngokungcono kwakhe uyize. Sela. |
UJakobe waphendula wathi: “Izinsuku zokugogobala kwami emhlabeni seziyiminyaka eyi-130, zimfishane, kanti bezigcwele ubunzima. Kaziqhathaniseki nokho neminyaka eyaphilwa ngokhokho bami ngesikhathi eside sokugogobala kwabo.”
Wayesethi uBharizilayi enkosini: “Zingaki izinsuku zeminyaka yokuphila kwami ukuba ngingenyukela eJerusalema nenkosi na?
Umuntu uyamjezisa ngenxa yesono sakhe, lokho okuligugu kuye, ukudla njengobuvunya, kuphele nya, wonke umuntu ungumoya nje. Sela
Abantukazana bangumoya nje, nezikhulu zingamabunga, uma bekalwa isilinganiso siyenyuka, kodwa bonke balula kunomoya.
Khumbula ukuthi isikhathi sami singakanani, nokuthi bonke abantwana babantu wabadalela ize.
Nkosi, sifundise ukubala kahle izinsuku zethu, ukuze sizuze inhliziyo enokuhlakanipha.
Ngase ngikubuka konke okwenziwe yizandla zami, nomshikashika engithathe isikhathi ngiwenza; konke futhi lokho kwakuyize, kufana nokubamba utalagu! Akukho nzuzo phansi komthunzi welanga.
Zonke izizwe ziyinto engelutho phambi kwakhe, uzithatha njengento engelutho neyize.
Kepha anilazi ikusasa ukuthi liniphatheleni nokuthi impilo yenu iyakuba yini na? Ngokuba niyinkungu ebonakala isikhashana bese iyanyamalala.
Bathandekayo, nize ningakhohlwa yilokhu okukodwa qwaba, ukuthi usuku lunye eNkosini lunjengeminyaka eyinkulungwane, nokuthi iminyaka eyinkulungwane injengosuku lunye.