AmaHubo 39:10 - IsiZulu 2020 Susa inhlupheko ongehlisele yona, ngenxa yokucindezelwa yisandla sakho, ngiyaphela. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Susa kimi ukushaya kwakho, ngokuba ngiyaqedwa ngukushaywa yisandla sakho. Contemporary Zulu Bible 2024 Susa kimi ukushaywa kwakho; ngiyaqedwa ngokushaya kwesandla sakho. |
Kepha uJobe wathi kuye: “Ukhulumisa okowesifazane oyisiwula. Siyakwamukela okuhle kuphela yini kuNkulunkulu, asiyukwamukela yini nokubi na?” Kukho konke lokho uJobe akonanga ngomlomo wakhe.
Uyakuchitha yini ukwehlulela kwami, ungilahla ngecala ukuze wena ube ngolungileyo na?
Isandla sakho sangicindezela kanzima ubusuku nemini, ngaphelelwa ngamandla, kwangathi ngihlaselwe wumoya weshisandlu. Sela
UMose wayesethi ku-Aroni: “Yikho lokhu uSimakade akukhuluma, wathi: “ ‘Ngalabo abaseduze nami ngiyakuzibonakalisa ngingcwele, phambi kwabantu bonke ngiyakukhazimuliswa.’ ” U-Aroni wathula.
Niyokwenza imifanekiso yamathumba enu anihlasele nemifanekiso yamagundane enu ahlasele izwe, nimnike udumo uNkulunkulu ka-Israyeli, hleze asenze sibe lula isandla sakhe phezu kwenu, phezu konkulunkulu benu, naphezu kwezwe lakini.