Ngithe: “Ngizoqaphela izindlela zami, ukuze ngingoni ngolimi lwami; umlomo wami ngizowufaka isimfonyo, inkani nje uma kunababi phambi kwami.”
Ngithe: “Ngizakulinda izindlela zami ukuba ngingoni ngolimi lwami; ngizakugcina umlomo wami ngesifonyo, omubi esekhona phambi kwamehlo ami.”
Kumholi wokuhlabelela, kuze kufike kuJeduthuni, ihubo likaDavide. Ngathi: “Ngiyakuqaphela izindlela zami, ukuze ngingoni ngolimi lwami; Ngizolinda umlomo wami ngetomu lapho omubi ephambi kwami.
Ngalokho uSimakade uyakuqinisa izwi lakhe alikhuluma maqondana nami, lapho ethi: ‘Uma abozalo lwakho beyoqaphela indlela yabo, bahambe ngobuqotho phambi kwami ngenhliziyo yabo yonke nangawo wonke umphefumulo wabo, akuyukusweleka muntu kubo oyohlala esihlalweni sobukhosi sika-Israyeli.’
Kepha uJehu akakuqaphelanga ukuhamba emthethweni kaSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli ngayo yonke inhliziyo yakhe, futhi akayekanga ukwenza izono ezazenziwa nguJerobhowamu onisa ngazo u-Israyeli.
UHemani noJeduthumi nabo bonke abaseleyo ababekhethiwe babizwa ngamagama ukuba bambonge uSimakade, ngokuba umusa wakhe umi phakade.
Kepha uJobe wathi kuye: “Ukhulumisa okowesifazane oyisiwula. Siyakwamukela okuhle kuphela yini kuNkulunkulu, asiyukwamukela yini nokubi na?” Kukho konke lokho uJobe akonanga ngomlomo wakhe.
Omusha angayigcina kanjani indlela yakhe ihlanzekile na? Ngokugcina okwezwi lakho.
Labo abathi: “Thina sigabe ngolimi lwethu. Sisho umathanda ngalo. Pho iphi le nkosi ethi ingasiphatha na?”
Simakade, bekela umlomo wami umlindi, ugcine umnyango wezindebe zami.
Londa ulimi lwakho kokubi, nezindebe zakho ekukhulumeni inkohliso.
Mphefumulo wami, thula, ulindele uNkulunkulu kuphela, ngokuba insindiso yami ivela kuye.
Ngikhala kuNkulunkulu ngezwi eliphakemeyo, ngiyamemeza ukuze angizwe uNkulunkulu.
Ukufa nokuphila kusemandleni olimi, nabaluthandayo bayakudla izithelo zalo.
Ogcina umlomo wakhe nolimi lwakhe ulonda umphefumulo wakhe ezinsizini.
Ngakho-ke ohlakaniphileyo uyakuthula ngaleso sikhathi, ngokuba yisikhathi esibi.
Hambani ngokuhlakanipha kubo abangaphandle, nithengisise isikhathi.
Ngakho-ke kufanele kakhulu ukuba sibambisisise lokho esikuzwileyo, funa siphambuke kukho.
Uma umuntu ethi uyakholwa, kodwa engabophi ulimi lwakhe kube sengathi ngetomu, kodwa ezikhohlisa enhliziyweni yakhe, ukukholwa kwalowo kuyize.