Ngintekenteke, futhi ngitubeke kakhulu, ngiyakhala, ngiyaquma ngenxa yeminjunju enhliziyweni yami.
Ngibuthakathaka, ngidubekile kabi; ngiyakhala ngenxa yokugqiha kwenhliziyo yami.
Ngibuthakathaka, ngidabukile kakhulu; Ngabhonga ngenxa yobuhlungu benhliziyo yami.
Ukugquma kimi sekufana nokudla, nokububula kwami kuphophoza njengamanzi.
Izibilini zami ziyaxhuxhuzela, azithuli; ngihlangabezana nezinsuku zosizi.
Sengize ngaba mnyama, kodwa ngingashiswa langa, ngimi ebandleni, ngikhala ngicela usizo.
Ngenkathi ngithule, amathambo ami awohloka ngenxa yokububula usuku lonke.
Sonke sigwavuma njengamabhele, siyakhala nokukhala njengamajuba; silindela ukwehlulela, kodwa akukho, nokusindiswa, kodwa kukude nathi.