Sengize ngaba mnyama, kodwa ngingashiswa langa, ngimi ebandleni, ngikhala ngicela usizo.
AmaHubo 38:6 - IsiZulu 2020 Ngikhonkobele, ngithotshisiwe, usuku lonke ngiyazulazula, ngilila. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngikhonkobele, ngithotshisiwe kakhulu; usuku lonke ngihamba ngilila. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngikhathazekile; Ngithobeke kakhulu; Ngizolila usuku lonke. |
Sengize ngaba mnyama, kodwa ngingashiswa langa, ngimi ebandleni, ngikhala ngicela usizo.
Umzimba wami wembozwe yizimpethu nothuli. Isikhumba sami siyaphola, sibuye sibhicike.
Ngokuba ukuphila kwami kuphelela osizini, neminyaka yami ekububuleni; amandla ami aphelile ngokona kwami, namathambo ami ancunzekile.
Ngangehla ngenyuka, kungathi ngizilele umngani noma umfowethu, ngakhothama, ngilila njengomuntu osebuhlubungwini bokufelwa ngunina.
Mphefumulo wami, kungani udangele, uyaluza ngaphakathi kimi na? Themba uNkulunkulu, ngokuba ngisazomdumisa ngokusindisa kobukhona bakhe.
Ngizakuthi kuNkulunkulu, iDwala lami: “Ungikhohlweleni na? Ngihambelani ngilila, ngicindezelwe yisitha na?”
Ngokuba Wena Nkulunkulu uyisiphephelo sami, ungilahleleni na? Kungani ngihamba ngilila ngenxa yokucindezelwa yisitha na?
Izinyathelo zami bazicuphe ngogibe, umphefumulo wami udangele, bangimbele umgodi, kwakhalakathela bona kuwo. Sela
Ngikhathele ngenxa yokububula kwami. Ngimantisa umbhede wami njalo ebusuku, ngincibilikisa ukhukho lwami ngezinyembezi zami.
Iso lami liyafa wusizi, ngikhala kuwe, Simakade imihla yonke, izandla zami ngizelulela kuwe.
Njengenkonjane noma indwa ngiyatshiyoza, ngiyakhala njengejuba; amehlo ami akhathele ukubheka phezulu; Nkosi, ngicindezelwe, yiba lusizo lwami.”