Ngokuba imicibisholo kaSomandla ikimi, ubuthi bayo buphuzwa ngumoya wami, ukwesabisa kukaNkulunkulu kunami shaqa.
AmaHubo 38:2 - IsiZulu 2020 Ngokuba imicibisholo ingigwaze yagxila; isandla sakho singicindezele kanzima. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba imicibisholo yakho ingihlabile; isandla sakho singicindezele kanzima. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba imicibisholo yakho inginamathele, isandla sakho siyangilimaza. |
Ngokuba imicibisholo kaSomandla ikimi, ubuthi bayo buphuzwa ngumoya wami, ukwesabisa kukaNkulunkulu kunami shaqa.
Isandla sakho sangicindezela kanzima ubusuku nemini, ngaphelelwa ngamandla, kwangathi ngihlaselwe wumoya weshisandlu. Sela
Yiba nesihawu kimi, Simakade, ngokuba anginamandla; ngiphilise, Simakade, ngokuba amathambo ami ayankenketha.
Impela isandla sikaSimakade sasimelene nawo ukuwabhubhisa phakathi kwenkambu, aze aphele nya.
beningawalinda yini akhule aze abe madala, na? Benizohlala ningagani ningabi nabayeni, na? Qha, madodakazi ami, owami umunyu mkhulu kakhulu kunowenu, ngokuba isandla sikaSimakade simelene nami.”
Bathumela, baqoqela ndawonye wonke amakhosi amaFilisti, bathi: “Wususeni umphongolo kaNkulunkulu ka-Israyeli, ubuyele endaweni yawo, ukuze ungasibulali thina nabantu bakithi,” ngokuba kwaba khona ukwesaba okukhulu emzini wonke, besaba ukufa. Bheka, isandla sikaNkulunkulu sasinzima kakhulu kubo.
Isandla sikaSimakade saba nzima phezu kwabase-Ashidodi, wabashaya, wababhubhisa ngamathumba, i-Ashidodi nezifunda zayo.
Bhekani, uma zenyuka nawo ngendlela esemngceleni waseBhethi Shemeshi, yazini ukuthi nguNkulunkulu ka-Israyeli osehlisele lobo bubi obukhulu. Uma kungenzeki kanjalo, kuyobe sehlelwe yingozi nje.”