UFaro wathi kuye: “Kukhona yini okuswele njengoba ulapha kimi ukuba ungaze ufune ukubuyela ezweni lakini na?” Wathi: “Angeswele lutho, kodwa ngivumele impela ukuba ngihambe.”
AmaHubo 37:8 - IsiZulu 2020 Deda entukuthelweni, uyeke ulaka, ungakhathazeki, lokho kuholela ebubini nje. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Pheza ukuthukuthela; yeka ulaka, ungakhathazeki; kubanga ukona nje. Contemporary Zulu Bible 2024 Yeka ukuthukuthela, ushiye ukuthukuthela; ungathukutheli nganoma iyiphi indlela ukwenza okubi. |
UFaro wathi kuye: “Kukhona yini okuswele njengoba ulapha kimi ukuba ungaze ufune ukubuyela ezweni lakini na?” Wathi: “Angeswele lutho, kodwa ngivumele impela ukuba ngihambe.”
Wena ozidwengulayo ngenxa yolaka lwakho, umhlaba uyoshiywa yini ngenxa yakho, nedwala lisuswe endaweni yalo emhlabeni na?
Ngenxa yovalo mina ngithe: “Ngixoshiwe phambi kwamehlo akho.” Kepha ukuzwile ukunxusa kwami ngesikhathi ngikhala kuwe.
Uma bengithe ngizakukhuluma kanjalo, ngabe ngisikhohlisile isizukulwane sabantwana bakho.
Owephuzayo ukuthukuthela unokuqonda okukhulu, kepha lowo othukuthela ngokushesha uphakamisa ubuwula.
UNkulunkulu wathi kuJona: “Unaso yini isizathu sokuba uthukuthele kangaka ngenxa yomhlakuva na?” Wathi: “Ngithukuthele kakhulu ngangokuba ngingafa nokufa.”
Makususwe kini bonke ubumunyu, intukuthelo, ulaka, umsindo, ukuhlambalaza, nakho konke okubi.
Kepha manje lahlani konke lokhu: ulaka, ukuthukuthela, ububi, ukuhlambalaza, nokukhuluma amahlazo ngemilomo yenu.