AmaHubo 37:1 - IsiZulu 2020 Ungakhathazeki ngababi, ungabi namona ngabenza okungalungile, IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ungazikhathazi ngababi, ungabi namhawu ngabenza okungalungile. Contemporary Zulu Bible 2024 Ihubo likaDavide. Ungakhathazeki ngababi, ungabahawukeli abenza okubi. |
Thula phambi kukaSimakade, umlindele ngesineke; ungakhathazeki ngonempumelelo endleleni yakhe, ngomuntu oceba amacebo amabi.
Ubuwula bomuntu buyayiguqula indlela yakhe, kepha inhliziyo yakhe iyamthukuthelela uSimakade.
Kodwa akuzukubahambela kahle ababi, izinsuku zabo zokuphila azizukweluleka njengethunzi, ngoba abahambi ngokwesaba phambi kukaNkulunkulu.
umhawu, ukudakwa nokuxokozela, izinto ezifana nalezi engiqeda ukunitshela ngazo, njengokuba ngasho, abenza lezi zinto abanakulidla ifa loMbuso kaNkulunkulu.