Ngakho-ke ababi abanakuma ngosuku lokwehlulelwa, nezoni, ebandleni labalungileyo.
AmaHubo 36:12 - IsiZulu 2020 Bheka, abenzi bobubi bawile, baqunjwe phansi, abaseyukuvuka. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bheka, bawile abenza okubi; bawiswe phansi, abasenakuvuka. Contemporary Zulu Bible 2024 Kwawa abenzi bokubi; baphonswe phansi futhi ngeke bakwazi ukusukuma. |
Ngakho-ke ababi abanakuma ngosuku lokwehlulelwa, nezoni, ebandleni labalungileyo.
Amalahle ashisayo mawawele phezu kwabo, mabaphonswe emlilweni nasemigodini ejulileyo, bangabe besavuka.
Wena Nkulunkulu uzobaphonsa emgodini ojulileyo abantu abomele igazi nabakhohlisayo; izinsuku zabo zokuphila aziyukuba ngisho nayingxenye yazo, kodwa mina ngizokwethemba Wena.
USimakade uzibonakalisile, wenzile ukwehlulela ngezandla zakhe, ngokucekela phansi ababi. Sela
uthi: ‘IBhabhele liyakushona kanjalo-ke, lingabe lisavuka ngenxa yenhlekelele engiyoyehlisela kulo. Abantu bakhona bayakuphelelwa ngamandla.’ ” Aphela lapha amazwi kaJeremiya.
Ngubani ongayukukwesaba, Nkosi, adumise igama lakho, na? Ngokuba Wena wedwa ungcwele, zonke izizwe ziyakuza zikhuleke phambi kwakho, ngokuba izenzo zakho zokulunga sezisobala.”
“Simakade, sengathi zingabhubha zonke izitha zakho! Kodwa abakuthandayo mabafane nelanga liphuma ngamandla alo.” Izwe lalinokuthula iminyaka engama-40.