Kepha umusa kaSimakade uphezu kwabamesabayo phakade naphakade, nokulunga kwakhe kubantwana babantwana,
AmaHubo 36:10 - IsiZulu 2020 Mawuqhubeke njalo umusa wakho kulabo abakwaziyo, nokulunga kwakho kwabaqotho ngenhliziyo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Mawume umusa wakho kubo abakwaziyo, nokulunga kwakho kubo abaqotho ngenhliziyo. Contemporary Zulu Bible 2024 Qhubekela phambili umusa wakho kulabo obaziyo; nokulunga kwakho kwabaqotho ngenhliziyo. |
Kepha umusa kaSimakade uphezu kwabamesabayo phakade naphakade, nokulunga kwakhe kubantwana babantwana,
Walumela udaba lompofu nontulayo, kwaba kuhle; lokhu akusikho yini ukwazi Mina na?” kusho uSimakade.
Ngiyakubanika inhliziyo yokuba bangiqonde ukuthi nginguSimakade. Bayakuba ngabantu bami, Mina ngibe nguNkulunkulu wabo, bayakubuyela kimi ngenhliziyo yabo yonke.
USimakade wabonakala kimi ekude, wathi: “Ngikuthande ngothando lwaphakade, ngakho-ke ngikudonsile ngomusa.
Ukuphila okuphakade yilokhu ukuba bazi Wena wedwa, Nkulunkulu oqinisileyo, nomthumileyo, uJesu Khristu.
Abasayukufundisana, kube yilowo nalowo efundisa owakubo, nomunye efundisa umfowabo, ethi: ‘Yazi iNkosi.’ Ngokuba bonke bayakungazi, kusukela kwabancane kuya kwabadala.
Nina nilondolozwa ngamandla kaNkulunkulu ngokukholwa, kube yinsindiso eyakwambulwa ngesikhathi sokugcina;