Ingelosi engihlenge ezingozini zonke, makabusise laba bafana, ukuze ngabo igama lami nelokhokho bami o-Abhrahama no-Isaka lichume njalo. Sengathi banganda babe baningi emhlabeni.”
AmaHubo 34:22 - IsiZulu 2020 USimakade uyakukhulula ukuphila kwezinceku zakhe, akekho ophephela kuye oyojeza. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJehova ukhulula umphefumulo wezinceku zakhe; akakho kwabamethembayo oyakuba necala. Contemporary Zulu Bible 2024 UJehova uyawukhulula umphefumulo wezinceku zakhe, futhi akekho noyedwa kwabamethembayo oyoba ihlane. |
Ingelosi engihlenge ezingozini zonke, makabusise laba bafana, ukuze ngabo igama lami nelokhokho bami o-Abhrahama no-Isaka lichume njalo. Sengathi banganda babe baningi emhlabeni.”
UDavide wabaphendula oRekhabhi noBhahana, umfowabo, amadodana kaRimoni waseBherothi, wathi kubo: “Ngifunga ngiyagomela phambi kukaSimakade owuhlengile umphefumulo wami kulo lonke usizi.
Inkosi yafunga yathi: “Ngifunga ngiyagomela phambi kukaSimakade ohlenge umphefumulo wami kukho konke ukuhlupheka kwami,
Umoya wami ngiwubeka esandleni sakho, ungikhululile, Simakade, Nkulunkulu weqiniso.
Izindebe zomlomo wami zizojabula, nomphefumulo wami ukuhubele, ngokuba ungihlengile.
Nina nilondolozwa ngamandla kaNkulunkulu ngokukholwa, kube yinsindiso eyakwambulwa ngesikhathi sokugcina;
Ahlabelela iculo elisha, elithi: “Ufanele Wena ukuyithabatha incwadi, nokuqaqa izimpawu zayo, ngokuba wahlatshwa, wabathengela uNkulunkulu ngegazi lakho abavela kuyo yonke imindeni, izilimi, abantu, nezizwe.