AmaHubo 34:13 - IsiZulu 2020 Londa ulimi lwakho kokubi, nezindebe zakho ekukhulumeni inkohliso. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Londa ulimi lwakho kokubi, nezindebe zakho kukho ukukhuluma inkohliso. Contemporary Zulu Bible 2024 Gcina ulimi lwakho ebubini nezindebe zakho enkohliso. |
Ngithe: “Ngizoqaphela izindlela zami, ukuze ngingoni ngolimi lwami; umlomo wami ngizowufaka isimfonyo, inkani nje uma kunababi phambi kwami.”
Izindebe ezikhuluma iqiniso ziyakuma kuze kube phakade, kepha ulimi lwamanga lungolomzuzwana nje.
Izindebe ezikhuluma amanga ziyisinengiso kuSimakade, kodwa abenza iqiniso bayintokozo yakhe.
Izikhohlakali ziyobhujiswa, ziphele nya, kodwa indlu yabalungileyo iyokuma njalo.
Wathi: “Ngempela bangabantu bami, abantwana abangenankohliso;” waba nguMsindisi wabo,
“Funani okuhle, hhayi okubi, ukuze niphile, uyakuba nani uSimakade uNkulunkulu Wamabandla, njengoba nani nishilo kanjalo.
Ningaqambi amanga omunye komunye, ngokuba senikhumule umuntu omdala nezenzo zakhe;
Yazini lokhu, bazalwane bami abathandekayo, ukuthi: makube yilowo nalowo muntu asheshe ukuzwa, aphuze ukukhuluma, aphuze nokuthukuthela.
Uma umuntu ethi uyakholwa, kodwa engabophi ulimi lwakhe kube sengathi ngetomu, kodwa ezikhohlisa enhliziyweni yakhe, ukukholwa kwalowo kuyize.
Ngokuba sonke siyakhubeka ngezindlela eziningi. Uma umuntu engakhubeki ngezwi alikhulumayo, lowo ungophelele impela, umuntu okwazi ukubamba umzimba wakhe wonke ngokungathi ngetomu.
Ngakho-ke lahlani bonke ububi, bonke ubuqili, ukuzenzisa, umhawu, nakho konke ukunyembenya.