U-Abhrahama wathi ngomkakhe uSara: “Ungudadewethu.” U-Abhimeleki, inkosi yaseGerari, wathumela ukuba alandwe uSara, ukuze azithathele yena.
AmaHubo 34:1 - IsiZulu 2020 USimakade ngimbonga ngezikhathi zonke; izibongo zakhe zizohlala zisemlonyeni wami njalo njalo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngiyakumbonga uJehova ngezikhathi zonke; ukudunyiswa kwakhe kuyakuba semlonyeni wami njalonjalo. Contemporary Zulu Bible 2024 Ihubo likaDavide ekuguquleni kwakhe ukuziphatha kwakhe phambi kuka-Abimeleki owamxosha, wahamba. Ngiyakumbonga njalo uJehova; udumo lwakhe luyakuba semlonyeni wami njalo. |
U-Abhrahama wathi ngomkakhe uSara: “Ungudadewethu.” U-Abhimeleki, inkosi yaseGerari, wathumela ukuba alandwe uSara, ukuze azithathele yena.
Kwaba khona enye indlala ezweni ngaphandle kwaleyo eyayike yaba khona emihleni ka-Abhrahama. U-Isaka wathutha waya eGerari enkosini yamaFilisti u-Abhimeleki.
Ngancika kuwe kwasekuzalweni kwami, nguwe owangikhipha esibelethweni sikamame. Ukudumisa kwami njalo kungawe.
Kepha phakathi nobusuku uPawula noSila bekhuleka bedumisa uNkulunkulu ngamahubo, iziboshwa zazibalalele.
Ngakho-ke basuka phambi komkhandlu bethokoza, ngokuba betholakale bekufanele ukuthelwa ngehlazo ngenxa yalelo gama.
nimbonge njalo uNkulunkulu uYise ngakho konke, egameni leNkosi yethu uJesu Khristu,
Konke enikwenzayo, noma kungezwi noma kungomsebenzi, kwenzeni konke egameni leNkosi uJesu, nimbonge uNkulunkulu uYise ngaye.
Kukho konke, bongani, ngokuba lokho kuyintando kaNkulunkulu kuKhristu uJesu ngani.
Simelwe ukumbonga njalo uNkulunkulu ngani bazalwane, njengokuba kufanele, ngokuba ukukholwa kwenu kuyanda kakhulu, kanjalo futhi luyanda nothando lwenu nonke enithandana ngalo omunye nomunye.
Kepha thina simelwe ukumbonga njalo uNkulunkulu ngani, bazalwane abathandwa yiNkosi, ngokuba uNkulunkulu wanikhetha ukuba nibe ngabokuqala ukusindiswa ngokungcwelisa kukaMoya nangokukholwa yiqiniso,
Izinceku zika-Akhishi zathi kuye: “Lo akusiye yini uDavide, inkosi yezwe na? Kanti akusiye yini ababecula ngaye, besina, bethi: “ ‘USawule ubulale izinkulungwane zakhe, kodwa uDavide izinkulungwane zakhe zilishumi,’ na?”