AmaHubo 33:9 - IsiZulu 2020 Ngokuba wakhuluma, kwaba khona, wayaleza, kwama, kwagxila. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba wakhuluma, kwaba khona; wayaleza, kwema khona. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba wakhuluma, kwaba; wayala, yaqhubeka imile. |
Ubufakazi bakho buqinisekile impela. Simakade, ubungcwele buyifanele indlu yakho kuze kube phakade.
Yona ethi ingukubengezela kwenkazimulo yakhe futhi ifuze Yena luqobo, iphasa konke ngezwi lamandla ayo. Ithe seyenzile ukuhlanzwa kwezono, yahlala ngakwesokunene soMkhulu kweliphezulu.
Ngokukholwa, siqonda ukuthi umhlaba wadalwa ngezwi likaNkulunkulu, kwaze kwathi kulokho okungabonakaliyo kwavela okubonakalayo.
“Ufanele Wena Nkosi noNkulunkulu wethu ukwemukela inkazimulo nodumo namandla, ngokuba wadala izinto zonke, futhi zonke zikhona, zadalwa, ngokuthanda kwakho.”