AmaHubo 33:21 - IsiZulu 2020 Inhliziyo yethu ithokozile ngaye, ngoba sethemba igama lakhe elingcwele. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngalokho inhliziyo yethu ithokoza ngaye, ngokuba sithemba igama lakhe elingcwele. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba inhliziyo yethu iyakuthokoza ngaye, ngokuba sithemba igama lakhe elingcwele. |
Yishoni nithi: “Sisindise Nkulunkulu wensindiso yethu, usiqoqe, usihlenge kwabezizwe, ukuze sidumise igama lakho elingcwele, sithokoze ekukudumiseni.”
Kepha mina ngethembele emseni wakho, inhliziyo yami mayethabe ngensindiso yakho.
USimakade ungamandla ami, nesihlangu sami, inhliziyo yami yethembele kuye, yingakho ngisizakele, inhliziyo yami iyethaba. Ngizomdumisa ngehubo lami.
Kuyothiwa ngalolo lusuku: “Bheka, lo unguNkulunkulu wethu; simlindele, futhi uyakusisindisa, sisinde. Masijabule, sithokoze ngensindiso yakhe.”
Abakwa-Efrayimi bayakuba njengamaqhawe; inhliziyo yabo ithokoze sengathi kungenxa yewayini. Abantwana babo bayakukubona lokho bajabule; inhliziyo yabo ithokoze ngoSimakade.
Nani-ke nilusizi manje, kodwa ngiyakubuye nginibone, inhliziyo yenu ithokoze; futhi akekho onganephuca intokozo yenu.
Kwakukhona nezidalwa ezine, yileso naleso kuzo sinamaphiko ayisithupha. Nhlangothi zonke nangaphakathi zigcwele amehlo, zingakhawuli imini nobusuku ukuthi: “Ingcwele, ingcwele, ingcwele, iNkosi uNkulunkulu uSomandla owayekhona nokhona nozayo.”