UNkulunkulu wabona ukuthi umhlaba wonakele, ngokuba bonke abantu babeziphethe kabi emhlabeni.
AmaHubo 33:13 - IsiZulu 2020 USimakade esezulwini ubuka phansi emhlabeni, ababone bonke abantu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJehova uyabheka esezulwini; uyababona bonke abantwana babantu. Contemporary Zulu Bible 2024 UJehova uyabheka esezulwini; uyababona bonke abantwana babantu. |
UNkulunkulu wabona ukuthi umhlaba wonakele, ngokuba bonke abantu babeziphethe kabi emhlabeni.
Amehlo kaSimakade abona emhlabeni wonke ukuqinisa labo abanhliziyo yabo iphelele kuye. Wenze ubuwula kule nto, ngokuba kusukela manje sekuzohlala kunokulwa.”
Ngokuba uyabazi abantu bamanga, lapho ebona inkohlakalo, akayukuyinaka yini na?
USimakade wabuka phansi, esekuphakameni ezulwini, endaweni yakhe engcwele, wabuka emhlabeni
USimakade usethempelini lakhe elingcwele. Isihlalo sakho Simakade sisezulwini. Amehlo akho ayabona, ukubheka kwakho kuyabahlolisisa abantwana babantu.
USimakade uyababuka abantwana babantu esezulwini, ukubona ukuthi ukhona yini ohlakaniphileyo, ofuna uNkulunkulu.
UNkulunkulu esezulwini ubheka phansi, abone amadodana abantu, ukuze abone ukuthi ukhona yini onokuqonda, ofuna uNkulunkulu.
Ubusa ngamandla akhe kuze kube phakade. Amehlo akhe aqaphe izizwe, abanenkani bangaziphakamisi.
Akukho lutho futhi oludaliweyo olungabonakali phambi kwakhe, kodwa konke kwambuliwe kwaba sobala emehlweni akhe, yena esiyakuzilanda kuye.