Yelulela isandla sakho phezulu, ungikhulule, ungihlenge emanzini amaningi, nasesandleni sabafokazi
AmaHubo 32:6 - IsiZulu 2020 Makuthi bonke abethembekileyo bakhuleke kuwe ngesikhathi senhlupheko; impela isikhukhula esinamandla asiyukufinyelela kubo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngakho-ke yilowo nalowo olungileyo makakhuleke kuwe ngesikhathi sokukufumana; impela kuyakuthi lapho amanzi amakhulu ekhukhula, angafinyeleli kuye. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngenxa yalokhu bonke abangcwele bayakukhuleka kuwe ngesikhathi sokufunyanwa kwakho; impela, emifuleni yamanzi amaningi abayikusondela kuye. |
Yelulela isandla sakho phezulu, ungikhulule, ungihlenge emanzini amaningi, nasesandleni sabafokazi
Yazini ukuthi uSimakade uzehlukanisele abaqotho; uSimakade uyakuzwa lapho ngikhala kuye.
Wabeka iculo elisha emlonyeni wami, ihubo lokudumisa uNkulunkulu wami, abaningi bayokubona lokho, besabe, bese bethembela kuSimakade.
Lapho kuhlokoma izimpophoma zakho, utwa luyenanelana, wonke amadlambi namaza akho, kudlange kwangaphezu kwami.
Bayakuwa abayizinkulungwane ngaseceleni kwakho, nabayizinkulungwane ezilishumi ngakwesokunene sakho, kodwa akuyukukuthinta wena.
khona bayakungibiza, kodwa angiyukuphendula; bayakungifunisisa, kodwa ngeke bangifumane,
Uma udabula emanzini, Mina ngiyokuba nawe, nemifula ayiyukukukhukhula; nalapho udabula emlilweni, awuyukusha; ilangabi aliyukukushisa.
Usho kanje uSimakade, uthi: “Ngiyakukuphendula ngesikhathi somusa, ngikusize ngosuku lokusindiswa; ngiyakukulondoloza, ngikubeke ube yisivumelwano sabantu sokubuyisa izwe, nokubenza badle amafa achithekileyo.
Niyakungifuna ningangitholi, futhi nalapho ngikhona, ngeke nikwazi ukuza lapho.”
osiduduzayo osizini lwethu lonke, ukuze nathi sibe namandla okududuza abasosizini, noma ngabe lunjani, ngenduduzo esiduduzwe ngayo nathi nguNkulunkulu.
ngokuba uthi: “Ngesikhathi esihle ngikuzwile nangosuku lwensindiso ngakuhlenga.” Qaphela, manje sekuyisikhathi esihle kakhulu. Impela, manje wusuku lwensindiso.
Kepha ngahawukelwa ngalokhu ukuze uKhristu uJesu akubonakalise kimi engingesikhulu isoni, konke ukubekezela kwakhe, ngibe yisibonelo kulabo abazakukholwa kuye, baze babe nokuphila okuphakade.
uyasifundisa ukuba sidele ukungakholwa nezinkanuko zezwe, sihambe ngokuqonda, ngokulunga, nangokumesaba uNkulunkulu kulesi sikhathi samanje,