Emini wawubahola ngensika yefu, ebusuku ngensika yomlilo eyayibakhanyisela endleleni ababehamba kuyo.”
AmaHubo 31:3 - IsiZulu 2020 Impela Wena uyidwala lami nenqaba yami; ngenxa yegama lakho uyangihola, ungiqondise. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba wena uyidwala lami nenqaba yami; ngenxa yegama lakho uyakungihola, ungiqondise. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba wena uyidwala lami nenqaba yami; ngalokho ngiqondise ngenxa yegama lakho, ungiqondise. |
Emini wawubahola ngensika yefu, ebusuku ngensika yomlilo eyayibakhanyisela endleleni ababehamba kuyo.”
“Nokho awubalahlanga ehlane, ngenxa yobubele bakho obukhulu. Emini insika yefu ayiyekanga ukubahola endleleni yabo, nasebusuku insika yomlilo yaqhubeka yabakhanyisela endleleni yabo.
ubone ukuthi kukhona yini okubi ngaphakathi kwami, ungiholele endleleni yaphakade.
Simakade, uyidwala lami nenqaba yami, noMkhululi wami, uNkulunkulu wami; uyidwala engikhosela kulo, isihlangu sami, nophondo lwensindiso yami, inqaba yami.
Ngiholele eqinisweni lakho, ungifundise, ngokuba Wena unguNkulunkulu wensindiso yami; ngethembele kuwe njalo.
Abathobekileyo ubaholela kokulungileyo, abathobekileyo ubafundisa indlela yakhe.
Thumela ukukhanya kwakho neqiniso lakho, makungihole kungiyise entabeni yakho engcwele, nasezindlini zakho,
Yiba yidwala lami lokukhosela, engiza kulo njalo; uyalezile ukuba ngisindiswe, ngokuba uyidwala lami nenqaba yami.
Sisize, Nkulunkulu wensindiso yethu, ngenxa yenkazimulo yegama lakho, usikhulule, usithethelele izono zethu ngenxa yegama lakho.
Abayukulamba, abayukoma, abayukushaywa yisifudumezi selanga, ngokuba Yena onozwelo kubo uyakubahola abayise emithonjeni yamanzi.
Simakade, nakuba izono zethu zifakaza ngathi, kodwa yenza okuthile, ngenxa yegama lakho, ngokuba ukuhlubuka kwethu kukhulu; sonile kuwe.
ukubakhanyisela abahlezi ebumnyameni nasethunzini lokufa, nokuqondisa izinyawo zethu endleleni yokuthula.”
Kepha lapho esefikile Yena, uMoya weqiniso, uzakuniholela kulo lonke iqiniso. Ngokuba akayukukhuluma okwakhe, kodwa lokho akuzwayo uyakukukhuluma, anibikele okuzayo.
ukuze thina esethembele kuKhristu ngaphambilini, sibe ludumo lwenkazimulo yakhe.
AmaKhanani nabo bonke abakhileyo kuleli lizwe bazokuzwa ngalokhu bese beyasizungeza, balishabalalise igama lethu emhlabeni. Uyakulenzelani-ke igama lakho elikhulu kangaka, na?”