AmaHubo 29:8 - IsiZulu 2020 Izwi likaSimakade lizamazamisa ihlane, uSimakade unyakazisa ihlane; uSimakade unyakazisa ihlane eKadeshi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Izwi likaJehova lizamazamisa ihlane; uJehova uzamazamisa ihlane laseKadeshi. Contemporary Zulu Bible 2024 Izwi likaJehova lizamazamisa ugwadule; uJehova uzamazamisa ihlane laseKadeshi. |
Umhlaba wazamazama, wathuthumela, izisekelo zezintaba zanyakaza, zashukumela emuva naphambili, wavutha.
nakuba amanzi alo ehlokoma, ekhephuzela, nezintaba zizamazama ngokudlanga kwalo. Sela
Ngosuku lokuvutha kwentukuthelo yakhe ngiyokwenza izulu lithuthumele, nomhlaba uzamazame endaweni yawo, ngenxa yokuvutha kwentukuthelo kaSimakade Wamabandla.
“USimakade uyabhodla eseZiyoni, azwakalise izwi lakhe eseJerusalema. Izulu nomhlaba kuyakuzamazama, kodwa uSimakade uyisiphephelo sabantu bakhe, nenqaba yabantu bakwa-Israyeli.
“Tshela uZerubhabhele umbusi wakwaJuda, uthi: ‘Ngizonyakazisa amazulu nomhlaba,
“Ngokuba usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: ‘Sekuzokuba ngumzuzwana nje bese ngizamazamisa izulu nomhlaba, ulwandle nomhlabathi owomileyo.’
Bahamba, bafika kuMose no-Aroni nalo lonke ibandla labantu bakwa-Israyeli ehlane iPharanu, eKadeshi. Bethula umbiko ngababekubonile, babakhombisa nezithelo zalelo lizwe.
Ozwi lakhe lanyakazisa umhlaba ngaleso sikhathi, kodwa manje wethembisile, wathi: “Ngisazophinda ngizamazamise, hhayi umhlaba kuphela, kodwa nezulu ngokunjalo.”