Izwi likaSimakade lidlalisela kugqamuke amalangabi.
Izwi likaJehova lidabula amalangabi omlilo.
Ukuthumela phansi kwezulu lonke, unyazi lwakhe luye emagumbini omhlaba.
Ungayithuma yini imibani ukuba ihambe, bese ithi kuwe: ‘Bheka, silapha’ na?
Uciba ngemicibisholo yakhe, izitha zihlakazeke; umbani ulokhu uthi nyazi, uzidudulela kude.
Izwi lokuduma kwakho lisesiphephweni, imibani yakhanyisa izwe, umhlaba wandindizela, wazamazama.
UMose waphakamisa induku yakhe wayibhekisa ngasezulwini, uNkulunkulu wathumela ukuduma nesichotho, nomlilo, kwehlela emhlabeni. USimakade wehlisa isichotho kulo lonke iGibhithe.
Kwaphuma umlilo phambi kukaSimakade, wabashisa, bafa phambi kukaSimakade.
Kweza umlilo uvela kuSimakade, wabaqothula abantu abangama-250 ababenikele ngempepho.