Emveni kwalezo zinto izwi likaSimakade lafika ku-Abhrama ngombono, lathi kuye: “Ungesabi Abhrama, ngiyisihlangu sakho, umvuzo wakho uyakuba mkhulu kakhulu.”
AmaHubo 28:7 - IsiZulu 2020 USimakade ungamandla ami, nesihlangu sami, inhliziyo yami yethembele kuye, yingakho ngisizakele, inhliziyo yami iyethaba. Ngizomdumisa ngehubo lami. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJehova ungamandla ami nesihlangu sami; inhliziyo yami ithembe kuye, ngasizwa; ngakho-ke inhliziyo yami iyethaba; ngizakumdumisa ngesihlabelelo sami. Contemporary Zulu Bible 2024 UJehova ungamandla ami nesihlangu sami; inhliziyo yami yathembela kuye, futhi ngasizwa; ngalokho inhliziyo yami ithokoza kakhulu; ngizamdumisa ngengoma yami. |
Emveni kwalezo zinto izwi likaSimakade lafika ku-Abhrama ngombono, lathi kuye: “Ungesabi Abhrama, ngiyisihlangu sakho, umvuzo wakho uyakuba mkhulu kakhulu.”
Kepha mina ngethembele emseni wakho, inhliziyo yami mayethabe ngensindiso yakho.
Amazwi omlomo wami, nezizindlo zenhliziyo yami, makwemukeleke kuwe Simakade; dwala lami nomhlengi wami.
Simakade, inkosi iyethaba ngamandla akho; ithokoza kakhulu ngokuyihlenga kwakho.
Insindiso yabalungileyo ivela kuSimakade, uyinqaba yabo ngesikhathi senhlupheko.
Wabeka iculo elisha emlonyeni wami, ihubo lokudumisa uNkulunkulu wami, abaningi bayokubona lokho, besabe, bese bethembela kuSimakade.
Ngokuba Wena Nkulunkulu uyisiphephelo sami, ungilahleleni na? Kungani ngihamba ngilila ngenxa yokucindezelwa yisitha na?
UNkulunkulu uyisiphephelo sethu namandla ethu, ufunyaniswa elusizo impela ekuhluphekeni.
Ngakho-ke angiyukwesaba nakuba umhlaba uguquka, nezintaba zidilikela ekujuleni kolwandle,
Ngokuba uSimakade uNkulunkulu, uyilanga nesihlangu, uSimakade uyakupha umusa nodumo, akayukubenqabela okuhle abahamba ngobuqotho.
uyokusibekela ngezimpaphe zakhe, uphephele phansi kwamaphiko akhe, ukwethembeka kwakhe kuyisihlangu nogange.
UNkulunkulu uyinsindiso yami; ngiyakumethemba, angiyukwesaba, ngokuba uSimakade, Yena ungamandla ami nezikhwepha zami; uyinsindiso yami.”
Kuyothiwa ngami: ‘KukuSimakade kuphela ukulunga namandla.’ ” Bonke ababemthukuthelele bayakufika kuye, bajabhe.
Ngiyothokoza kakhulu ngoSimakade, umphefumulo wami wename ngoNkulunkulu wami, ngokuba ungembathise izingubo zensindiso, wangisibekela ngesembatho sokulunga, okomyeni ethwele umshuqulu njengomphristi, nanjengomakoti ezihlobise ngemvunulo.
Bahlabelela igama likaMose, inceku kaNkulunkulu negama leWundlu, bathi: “Mikhulu, iyamangalisa imisebenzi yakho, Nkosi Nkulunkulu, Somandla; zilungile, ziqinisile izindlela zakho, wena Nkosi yezizwe.
Ahlabelela iculo elisha, elithi: “Ufanele Wena ukuyithabatha incwadi, nokuqaqa izimpawu zayo, ngokuba wahlatshwa, wabathengela uNkulunkulu ngegazi lakho abavela kuyo yonke imindeni, izilimi, abantu, nezizwe.