Simakade, ungazivumeli izifiso zezikhohlakali, ungawaphumelelisi amacebo azo, funa zizikhukhumeze. Sela
AmaHubo 27:12 - IsiZulu 2020 Uze unganginikeli kokufiswa yizitha zami ngami, ngokuba ofakazi bamanga bangivukele, babhodla umlilo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Unganginikeli entandweni yezitha zami; ngokuba ofakazi bamanga bangivukele kanye nabafutha ukudlozomela. Contemporary Zulu Bible 2024 Unganginikeli entandweni yezitha zami, ngokuba ofakazi bamanga bangivukele kanye nabantu abaphefumula unya. |
Simakade, ungazivumeli izifiso zezikhohlakali, ungawaphumelelisi amacebo azo, funa zizikhukhumeze. Sela
Bheka ukuthi ziningi kangakanani izitha zami, nokuthi zingiphethe ngendlakandla nangenzondo engakanani.
Ngokuba ngathi: “Labo abazikhukhumeza ngami, mabangajabuli ngami, lapho unyawo lwami lushelela.”
USimakade uyomlondoloza, amgcine ephila; uyobusiswa ezweni. Akayukumnikela ezifisweni zezitha zakhe.
Emasinagogeni wonke, kukaningi ngibajezisa, ngibaphoqa ukuba bahlambalaze; ngibathukuthelele kakhulu, ngibahlupha kwaze kwaba semizini yabezizwe.”
USawula esabhodla umlilo, esongela ukubulala abafundi beNkosi, waya kumphristi omkhulu,
Ngakho-ke inkosi yami, inkosi uSawule, mayizwe amazwi enceku yayo. Uma kunguSimakade okwenza ukuba umelane nami, makawamukele umnikelo, kodwa uma kungabantwana babantu, mabaqalekiswe phambi kukaSimakade, ngokuba bangixoshile namuhla ukuba ngingabi nenhlanganyelo efeni likaSimakade, bethi: ‘Hamba ukhonze abanye onkulunkulu.’