Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




AmaHubo 26:8 - IsiZulu 2020

Simakade, ngiyithanda kakhulu indlu ohlala kuyo, nendawo lapho kuhlala khona inkazimulo yakho.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Jehova, ngiyayithanda inkundla yendlu yakho nendawo lapho kuhlezi khona inkazimulo yakho.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Jehova, ngiyayithanda indawo yokuhlala yendlu yakho nendawo lapho inkazimulo yakho ihlala khona.

Uka jalj uñjjattʼäta



AmaHubo 26:8
22 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Inkosi yathi kuZadoki: “Ubuyisele emzini umphongolo kaNkulunkulu. Uma ngifumana umusa emehlweni kaSimakade, uzokungibuyisa, angibonise wona nendlu yawo,


Futhi njengokuba ngiyayithanda indlu kaNkulunkulu wami, nginengcebo yegolide nesiliva, ngiyakunikela endlini kaNkulunkulu wami, phezu kwakho konke engikulungisele indlu engcwele,


Abaphristi abakwazanga ukuba ngaphakathi ukuze bakhonze, ngenxa yefu, ngokuba inkazimulo kaSimakade yagcwalisa indlu kaNkulunkulu.


Kwathi lapho uSolomoni eseqedile ukukhuleka, kwehla umlilo ezulwini, wadla umnikelo wokushiswa nemihlatshelo; inkazimulo kaSimakade yagcwalisa indlu.


Abaphristi abakwazanga ukungena endlini kaSimakade, ngokuba inkazimulo kaSimakade yayiyigcwalisile indlu kaSimakade.


Ngenxa yendlu kaSimakade uNkulunkulu wethu, ngiyokufunela okuhle.


Ngiyakukhumbula lokhu, ngithulule umphefumulo wami phakathi kwami, njengalokhu ngangihamba esixukwini ngiya naso endlini kaNkulunkulu ngenhlokomo yokwethaba nokubonga, ibandla ligubha umkhosi.


Ngokuba usuku lulunye emagcekeni akho, luhle kunezinye eziyizinkulungwane. Ngiyakhetha ukulinda emnyango wendlu kaNkulunkulu wami, kunokuhlala emathendeni ezikhohlakali.


USimakade uyakungisindisa; ngalokho siyakucula sisine zonke izinsuku zokuhamba kwethu endlini kaSimakade.


NoHezekiya wayethe: “Sibonakaliso sini sokuthi ngiyokwenyukela endlini kaSimakade na?”


UMoya wayesengiphakamisa, ngezwa izwi lokuduma okukhulu emva kwami, lithi: “Mayibusiswe inkazimulo kaSimakade endaweni yakhe.”


Kuthe sekwedlule izinsuku ezintathu, bamfumana ethempelini, ehleli phakathi kwabafundisi, ebalalele, futhi ebabuza.


Wabaphendula wathi: “Kade ningifunelani na? Beningazi yini ukuthi kumele ukuba ngibe kokukaBaba na?”