AmaHubo 26:12 - IsiZulu 2020 Unyawo lwami lumi endaweni ehlelembekile; ngisebandleni, ngizomdumisa uSimakade. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Unyawo lwami lumi ebaleni; ngizakudumisa uJehova emihlanganweni. Contemporary Zulu Bible 2024 Unyawo lwami lumi endaweni ehlelelekileyo; emabandleni ngiyakumdumisa uJehova. |
Makadunyiswe uSimakade! Ngiyakumbonga uSimakade ngenhliziyo yami yonke enhlanganweni nasebandleni labaqotho.
lapho imindeni ikhuphukela khona, imindeni kaSimakade, ngokomthetho wakwa-Israyeli, ukuba idumise igama likaSimakade.
Simakade, ngifundise indlela yakho, ungihole endleleni ehlelembekile ngenxa yezitha zami.
Wangikhipha emgodini wokubhujiswa, odakeni olubishayo, izinyawo zami wazibeka edwaleni, wavikela izinyathelo zami.
Nango uBhenjamini ongomncinyane kubo bonke, uyababusa, izikhulu zakwaJuda zingumzimba, nezikhulu zakwaZebuloni nezakwaNafethali.
Ohamba ngobuqotho uhamba evikelekile, kodwa ohlanekezela izindlela zakhe, uyodaluleka.
ethi: “Ngizakushumayela igama lakho kubafowethu, ngikuhubele phakathi kwebandla,”
“Uyakugcina izinyawo zabathembekileyo bakhe, kodwa izikhohlakali ziyakubhujiswa ebumnyameni, ngokuba akukho muntu oyakuphumelela ngamandla akhe odwa.