UNkulunkulu uMninimandla wonke, uSimakade uyakhuluma, ubiza umhlaba kusukela ekuphumeni kwelanga lize liyoshona.
AmaHubo 24:8 - IsiZulu 2020 Ingubani le Nkosi yenkazimulo na? InguSimakade onamandla, oyiqhawe, uSimakade oyiqhawe empini. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ingubani le Nkosi yenkazimulo na? InguJehova onamandla, oyiqhawe, uJehova oyiqhawe lokulwa. Contemporary Zulu Bible 2024 Ingubani le nkosi ehloniphekile? UJehova, onamandla nonamandla, uJehova, onamandla ekulweni. |
UNkulunkulu uMninimandla wonke, uSimakade uyakhuluma, ubiza umhlaba kusukela ekuphumeni kwelanga lize liyoshona.
USimakade uyiNkosi, wembethe ubukhosi, uSimakade uvunule, ubhince amandla. Izwe ulimise laqina, alinakunyakaziswa.
Ngokuba sizalelwe uMntwana, siphiwe iNdodana; umbuso uyokuba semahlombe akhe. IGama lakhe kuyothiwa nguMeluleki omangalisayo, uNkulunkulu onamandla, uYise ongunaphakade, uMbusi wokuthula.
Wabephuca izikhali ababusi nabanamandla, wabathela ngehlazo obala, ebanqoba ngesiphambano.
Ngase ngibona: kwakukhona ihhashi elimhlophe, nogibele kulo ephethe umnsalo, wanikwa umqhele, waphuma ngokunqoba eya ukuyonqoba.