Onikela ngomnikelo wokubonga uyangidumisa, oqaphela indlela yakhe ngiyakumbonisa insindiso kaNkulunkulu.”
AmaHubo 24:5 - IsiZulu 2020 Uyofumana isibusiso kuSimakade, nokulunga kuNkulunkulu wensindiso yakhe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Uyakwamukela isibusiso kuJehova nokulunga kuNkulunkulu wensindiso yakhe. Contemporary Zulu Bible 2024 Uyakwamukela isibusiso sikaJehova nokulunga kuNkulunkulu wensindiso yakhe. |
Onikela ngomnikelo wokubonga uyangidumisa, oqaphela indlela yakhe ngiyakumbonisa insindiso kaNkulunkulu.”
Mayibongwe iNkosi esithwalela imithwalo yethu imihla ngemihla, uNkulunkulu uyinsindiso yethu. Sela
Igama layo malime kuze kube phakade, udumo lwayo luphakame njengelanga. Zonke izizwe mazidunyiswe ngayo, bonke abezizwe mabathi ibusisiwe.
UNkulunkulu uyinsindiso yami; ngiyakumethemba, angiyukwesaba, ngokuba uSimakade, Yena ungamandla ami nezikhwepha zami; uyinsindiso yami.”
Kepha u-Israyeli usindisiwe nguSimakade, ngokusindiswa okuphakade; aniyukujabha, aniyukuba namahloni kuze kube phakade.
Ngikusondezile ukulunga kwami, akukho kude, insindiso yami ayiyukulibala. Ngiyonika iZiyoni insindiso, nodumo lwami ku-Israyeli.’ ”
Ngokuba inundu iyakubadla njengengubo, nebhu libadle njengoboya bezimvu, kodwa ukulunga kwami kuyakuma kuze kube phakade, nensindiso yami ezizukulwaneni ngezizukulwane.”
Asikho isikhali esenzelwa wena esiyakuphumelela; uyakumisa lonke ulimi olukuvukelayo ekwehlulelweni; lokhu kuyifa lezinceku zikaSimakade nokumelwa kwazo okuvela kimi,” kusho uSimakade.
Ngiyothokoza kakhulu ngoSimakade, umphefumulo wami wename ngoNkulunkulu wami, ngokuba ungembathise izingubo zensindiso, wangisibekela ngesembatho sokulunga, okomyeni ethwele umshuqulu njengomphristi, nanjengomakoti ezihlobise ngemvunulo.
Uma umuntu efuna ukwenza intando kaNkulunkulu, uyakwazi ngemfundiso, ukuthi ivela kuNkulunkulu noma ngizikhulumela okwami nje.
ukulunga kukaNkulunkulu okuvela ngokukholwa nguJesu Khristu kubo bonke abakholwayo, ngokuba akukho mehluko.
Kepha ngoNkulunkulu, nikuJesu Khristu owenzelwe thina, waba ngukuhlakanipha kwethu okuvela kuNkulunkulu nokulunga, nokungcweliswa kanye nokuhlengwa,
Ongasazanga isono wamenza isono ngenxa yethu, ukuze kuYena senziwe sibe ngukulunga kukaNkulunkulu.
ukuba isibusiso sika-Abhrahama ngoJesu Khristu sifinyelele kwabezizwe, ukuze samukeliswe isithembiso sikaMoya ngokukholwa.
Makabongwe uNkulunkulu uYise weNkosi yethu uJesu Khristu, osibusisile ezulwini kuKhristu ngaso sonke isibusiso sokomoya;
ngifunyanwe kuye ngingenakho ukulunga okungokomthetho, kodwa lokho okuvela ngokukholwa nguKhristu, ngisho ukulunga okuvela kuNkulunkulu ngokukholwa,
Ningaphindisi okubi ngokubi, inhlamba ngenhlamba; kepha busisani, ngokuba nabizelwa lokho, ukuba nidle ifa lokubusiswa.