AmaHubo 23:3 - IsiZulu 2020 Uvuselela umphefumulo wami. Ungiholela ezindleleni zokulunga, ngenxa yeGama lakhe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ubuyisa umphefumulo wami; uyangihola ezindleleni zokulunga ngenxa yegama lakhe. Contemporary Zulu Bible 2024 Uyawuvuselela umphefumulo wami, uyangihola ezindleleni zokulunga ngenxa yegama lakhe. |
Kepha Wena Simakade, Nkosi yami, ngiphathe ngomusa ngenxa yegama lakho, njengokuba umusa wakho ulungile, ngisindise.
Ngiduka njengemvu elahlekileyo; funa inceku yakho, ngokuba angiyikhohlwa imiyalo yakho.
Umthetho kaSimakade uphelele, uvuselela umphefumulo. Ubufakazi bukaSimakade buthembekile, nongebani bumnika ukuhlakanipha.
Impela Wena uyidwala lami nenqaba yami; ngenxa yegama lakho uyangihola, ungiqondise.
Simakade, ngihole ngokulunga kwakho, uqondise indlela yakho phambi kwami, ngenxa yezitha zami.
Nkulunkulu, dala kimi inhliziyo ehlanzekileyo, uvuse umoya oqinileyo phakathi kwami.
Sisize, Nkulunkulu wensindiso yethu, ngenxa yenkazimulo yegama lakho, usikhulule, usithethelele izono zethu ngenxa yegama lakho.
Izimpumputhe ngiyozihambisa ngendlela ezingayaziyo, ngiyozihola emikhondweni ezingayaziyo, ngiyophendula ubumnyama bube ngukukhanya phambi kwazo, amagebhugebhu ahlelembeke, lezi zinto engiyozenza, angiyukuyeka ngingazenzi.
Bheka, ngiyakubabuyisa enyakatho, ngibaqoqe emikhawulweni yomhlaba; phakathi kwabo kukhona izimpumputhe, izinyonga, abakhulelwe, nabatetayo, bonke bayakubuya kanyekanye, beyibandla elikhulu.
Ngakwenza lokho ngenxa yegama lami, ukuba lingangcoliswa phambi kwezizwe engabakhipha zizibonela ngawazo.
“ ‘Bonke engibathandayo ngiyabasola, ngibayale. Ngakho-ke yiba ngoshisayo, uphenduke.