U-Abhrama wakholwa ngokwashiwo nguSimakade, ngenxa yalokho uSimakade wakubalela kuye kwaba ngukulunga.
AmaHubo 22:4 - IsiZulu 2020 Okhokho bethu bethembela kuwe; bakwethemba, Wena wabakhulula. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Obaba bethu babekwethemba; babethemba, wena wabakhulula. Contemporary Zulu Bible 2024 Okhokho bethu bathembela kuwe: bathemba, wena wabasindisa. |
U-Abhrama wakholwa ngokwashiwo nguSimakade, ngenxa yalokho uSimakade wakubalela kuye kwaba ngukulunga.
Yayisithi kuye: “Awusezukubizwa ngokuthi unguJakobe, usuzobizwa ngokuthi ungu-Israyeli, ngokuba ulwe noNkulunkulu nabantu, wanqoba.”
Kwakungumsebenzi walabo ababephethe amacilongo nabahlabeleli ukuba bezwakalise kanyekanye, ngazwi linye, indumiso nokubonga kuSimakade. Ngesikhathi bezwakalisa indumiso ngamacilongo, amasimbali, nangazo zonke izinto zokudumisa, babedumisa uSimakade ngokuba emuhle, umusa wakhe umi phakade; indlu yagcwaliswa yifu, indlu kaSimakade.
U-Israyeli wawabona amandla amakhulu abonakaliswa nguSimakade phezu kwabaseGibhithe, abantu bakholwa nguSimakade nayinceku yakhe uMose.