Makadunyiswe uSimakade! Ngiyakumbonga uSimakade ngenhliziyo yami yonke enhlanganweni nasebandleni labaqotho.
AmaHubo 22:25 - IsiZulu 2020 Ukudumisa kwami kuyakuvela kuwe ebandleni elikhulu, izithembiso zami ngiyozifeza phambi kwalabo abamesabayo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kuyakuvela kuwe ukudumisa kwami ebandleni elikhulu; izithembiso zami ngiyakuzigcwalisa phambi kwabamesabayo. Contemporary Zulu Bible 2024 Ukudumisa kwami kuyakuba kuwe ebandleni elikhulu; ngizagcwalisa izithembiso zami phambi kwabamesabayo. |
Makadunyiswe uSimakade! Ngiyakumbonga uSimakade ngenhliziyo yami yonke enhlanganweni nasebandleni labaqotho.
Nkulunkulu, izifungo zami zingibophezele kuwe, ngiyakunikela kuwe iminikelo yokubonga.
Ngizongena endlini yakho neminikelo yokushiswa, ngizifeze izifungo engazenza kuwe,
We nina nonke enesaba uNkulunkulu, wozani nilalele, nginilandise ngalokho angenzele khona.