Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




AmaHubo 22:14 - IsiZulu 2020

Ngichithiwe njengamanzi; kuxega wonke amalungu ami. Inhliziyo yami incibilika njengengcina ezibilini zami.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Ngichithiwe njengamanzi; onke amathambo ami enyele; inhliziyo yami injengengcina, incibilikile phakathi kwezibilini zami.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Ngithululiwe njengamanzi, namathambo ami onke ahlangene; inhliziyo yami injengengcina; kuncibilike phakathi kwamathumbu ami.

Uka jalj uñjjattʼäta



AmaHubo 22:14
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Bangikhamisela imilomo, bengiklolodela, bangishaya esihlathini, bengigcona, bayangihlanganyela.


UNkulunkulu uyidangalisile inhliziyo yami. uSomandla ungethusile,


“Manje umphefumulo wami uyalila ngaphakathi kwami, izinsuku zosizi zingibambile.


Sengingawabala wonke amathambo ami. Bangigqolozela, beklibhiza.


Ngokuba ukuphila kwami kuphelela osizini, neminyaka yami ekububuleni; amandla ami aphelile ngokona kwami, namathambo ami ancunzekile.


Banginkonkozela kakhulu, bethi: “Ashila, ashila, besivele sibona!”


Njengokuphephuka komusi, nokuncibilika kwengcina phambi komlilo, bachithwa kanjalo ababi phambi kukaNkulunkulu.


“Zonke izitha zethu ziyasiklolodela.


Kwase kuhwaqabala ubuso bayo, imicabango yayo yayiyesabisa, kwaxega amanyonga okhalo lwayo, namadolo ayo ashayana.


Alisenalutho, kukhala ibhungane, futhi liyincithakalo, inhliziyo iyancibilika, kushayana amadolo, izinhlungu zikhungethe lonke ukhalo, nobuso babo bonke buphaphathekile.


Khona wathi kubo: “Umphefumulo wami ulusizi kakhulu, kuze kube sekufeni; hlalani lapha, nilinde kanye nami.”


Esosizini olunzima, wakhuleka eqinisela, izithukuthuku zakhe zaze zaba njengamathonsi egazi econsela emhlabathini.


“Manje umphefumulo wami ulusizi, ngizakuthini na? Ngithi Baba, ngisindise kulo mzuzu na? Kepha kungenxa yalokhu ngifinyelele kulo mzuzu.


Amadoda ase-Ayi abulala amabutho angama-36 empi yakwa-Israyeli, ayixosha eyisusa ngasesangweni yaze yayofika eShebharimi, ababulala emthambekeni. Izinhliziyo zabantu zadikibala, zaphelelwa ngamandla.