Bangikhamisela imilomo, bengiklolodela, bangishaya esihlathini, bengigcona, bayangihlanganyela.
AmaHubo 22:14 - IsiZulu 2020 Ngichithiwe njengamanzi; kuxega wonke amalungu ami. Inhliziyo yami incibilika njengengcina ezibilini zami. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngichithiwe njengamanzi; onke amathambo ami enyele; inhliziyo yami injengengcina, incibilikile phakathi kwezibilini zami. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngithululiwe njengamanzi, namathambo ami onke ahlangene; inhliziyo yami injengengcina; kuncibilike phakathi kwamathumbu ami. |
Bangikhamisela imilomo, bengiklolodela, bangishaya esihlathini, bengigcona, bayangihlanganyela.
“Manje umphefumulo wami uyalila ngaphakathi kwami, izinsuku zosizi zingibambile.
Ngokuba ukuphila kwami kuphelela osizini, neminyaka yami ekububuleni; amandla ami aphelile ngokona kwami, namathambo ami ancunzekile.
Njengokuphephuka komusi, nokuncibilika kwengcina phambi komlilo, bachithwa kanjalo ababi phambi kukaNkulunkulu.
Kwase kuhwaqabala ubuso bayo, imicabango yayo yayiyesabisa, kwaxega amanyonga okhalo lwayo, namadolo ayo ashayana.
Alisenalutho, kukhala ibhungane, futhi liyincithakalo, inhliziyo iyancibilika, kushayana amadolo, izinhlungu zikhungethe lonke ukhalo, nobuso babo bonke buphaphathekile.
Khona wathi kubo: “Umphefumulo wami ulusizi kakhulu, kuze kube sekufeni; hlalani lapha, nilinde kanye nami.”
Esosizini olunzima, wakhuleka eqinisela, izithukuthuku zakhe zaze zaba njengamathonsi egazi econsela emhlabathini.
“Manje umphefumulo wami ulusizi, ngizakuthini na? Ngithi Baba, ngisindise kulo mzuzu na? Kepha kungenxa yalokhu ngifinyelele kulo mzuzu.
Amadoda ase-Ayi abulala amabutho angama-36 empi yakwa-Israyeli, ayixosha eyisusa ngasesangweni yaze yayofika eShebharimi, ababulala emthambekeni. Izinhliziyo zabantu zadikibala, zaphelelwa ngamandla.