USimakade wakubona ukuhlupheka kuka-Israyeli, kwamunyu kakhulu, abancane nabakhulu baphela amandla; kwakungekho ongamsiza u-Israyeli.
AmaHubo 22:11 - IsiZulu 2020 Ungabi kude nami, ngokuba inhlupheko iseduze, akekho ongisizayo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ungabi kude nami, ngokuba inhlupheko iseduze, nosizayo akakho. Contemporary Zulu Bible 2024 Ungabi kude nami; ngoba inkathazo iseduze; ngoba akekho ongasiza. |
USimakade wakubona ukuhlupheka kuka-Israyeli, kwamunyu kakhulu, abancane nabakhulu baphela amandla; kwakungekho ongamsiza u-Israyeli.
Ngancika kuwe kwasekuzalweni kwami, nguwe owangikhipha esibelethweni sikamame. Ukudumisa kwami njalo kungawe.
Ngabheka, kodwa kwakungekho ongisizayo; ngamangala, kodwa kwakungekho osekelayo; yayisingisindisa ingalo yami, nolaka lwami lwangisekela.
Kepha konke lokho kwenzekile ukuba kugcwaliseke imibhalo yabaphrofethi.” Khona bonke abafundi bamshiya babaleka.
UPhethro waqala ukuqalekisa nokufunga, ethi: “Angimazi lowo muntu.” Masinyane, lakhala iqhude.
Isikhathi siyeza, yebo, sesifikile, sokuba nihlakazeke, yilowo nalowo aye kokwakhe, ningishiye ngedwa, nokho angingedwa, ngokuba uBaba unami.
“USimakade uyobehlulela abantu bakhe, abe nesihawu ezincekwini zakhe, lapho ebona ukuthi amandla abo aphelile, akusekho oboshiweyo nokhululekileyo.
Okwathi ngezinsuku esesemhlabeni wanikela ngemikhuleko, nangokunxusa, nangokukhala okukhulu, nangezinyembezi kulowo onamandla okumsindisa ekufeni; wezwakala ngenxa yokumesaba uNkulunkulu.