Ngilaleleni nina ziqhingi, niqaphele nina bantu abakude; uSimakade ungibizile kwasesibelethweni, wangiqamba igama kwasesiswini sikamame.
AmaHubo 22:10 - IsiZulu 2020 Nganikelwa kuwe kwasekuzalweni kwami; nguwe owaba nguNkulunkulu wami. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngaphonswa phezu kwakho kwasesizalweni; unguNkulunkulu wami kwasesizalweni sikamame. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngaphonswa phezu kwakho kwasesiswini sikanina; Wena unguNkulunkulu wami kwasesiswini sikamame. |
Ngilaleleni nina ziqhingi, niqaphele nina bantu abakude; uSimakade ungibizile kwasesibelethweni, wangiqamba igama kwasesiswini sikamame.
“Ngingakakubumbi esiswini ngakwazi, ungakaphumi esibelethweni ngakungcwelisa, ngakuqoka ukuba ube ngumphrofethi ezizweni.”
Wakhula umntwana, waba namandla, wagcwala ukuhlakanipha; umusa kaNkulunkulu wawuphezu kwakhe.
UJesu wakhula ekuhlakanipheni nasemzimbeni, ethokozelwa nguNkulunkulu nangabantu.
UJesu wathi kuye: “Ungangithinti, ngokuba angikenyukeli kuBaba. Kepha hamba uye kubazalwane bami, ubatshele ukuthi ngenyukela kuBaba noYihlo, kuNkulunkulu wami noNkulunkulu wenu.”
Kepha ngomhla okwaba kuhle ngawo kuNkulunkulu owangehlukanisela ngisesesibelethweni sikamame, wangibiza ngomusa wakhe,