Kwathi lapho inkosi isihleli esigodlweni sayo, uSimakade eseyiphumuzile kuzo zonke izitha zayo ezaziyizungezile,
AmaHubo 21:8 - IsiZulu 2020 Isandla sakho siyozifumana zonke izitha zakho; esokunene sakho sibathole abakuzondayo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Isandla sakho siyakufumana zonke izitha zakho; esokunene sakho siyakubafumana abakuzondayo. Contemporary Zulu Bible 2024 Isandla sakho siyakufumana zonke izitha zakho; isandla sakho sokunene siyakufumana abakuzondayo. |
Kwathi lapho inkosi isihleli esigodlweni sayo, uSimakade eseyiphumuzile kuzo zonke izitha zayo ezaziyizungezile,
Lokhu makube ngumvuzo wezitha ovela kuSimakade, nowabakhuluma kabi ngomphefumulo wami.
Ngiyohlala njalo ngibheke kuwe Simakade, ngokuba Wena ungakwesokunene sami, angiyukuzanyazanyiswa.
Njengoba isandla sami sifinyelele emibusweni yezithombe, ezithombe zayo zazingaphezu kwalezo eziseJerusalema naseSamariya.
“Kepha abantu bezwe lakhe babemzonda, ngakho-ke bathumela amanxusa, amlandela, ukuba afike lapho, athi: ‘Asithandi ukuba lo abuse phezu kwethu.’
Kepha lezo zitha zami ezazingathandi ukuba ngizibuse, ziletheni lapha, nizibulale ngizibonela ngawami.”
Ngokuba Yena umelwe ukuba abuse, aze azibeke phansi kwezinyawo zakhe zonke izitha zakhe.
Emlonyeni wakhe kwaphuma inkemba ebukhali, ukuze ashaye izizwe ngayo. Uyakuzibusa ngentonga yensimbi, Yena anyathele isikhamo sewayini lentukuthelo yolaka lukaNkulunkulu uSomandla.
Noma kusukuma umuntu ukuba akuxoshe efuna impilo yakho, umphefumulo wenkosi yami uyobe uboshiwe emshuqulwini wabaphilayo kuSimakade uNkulunkulu wakho. Imiphefumulo yezitha zakho uyakuyijikijela kungathi iphakathi kwendwayimana.
Impi yaba nzima kakhulu kuSawule; abacibayo bamfica esebuhlungwini obukhulu ngenxa yokugwazwa ngumcibisholo.