AmaHubo 21:2 - IsiZulu 2020 Uyiphe obekufiswa yinhliziyo yayo, awuyigodlelanga ebikucela ngezindebe zomlomo wayo. Sela IBHAYIBHELI ELINGCWELE Uyinikile njengokwenhliziyo yayo, nesicelo sezindebe zayo awusinqabanga. Sela* Contemporary Zulu Bible 2024 Wamnika isifiso senhliziyo yakhe, kawusigodlanga isicelo sezindebe zakhe. Sela. |
Iso lami liyakuzibona ngokujabula izitha zami, nezindlebe zami ziyakuzwa ngokuthokoza ngabenzi bokubi abangivukelayo.
Ngakho-ke unamandla okusindisa ngokupheleleyo laba abeza kuNkulunkulu ngaye, lokhu ephila ukuba abamele njalo.
UHana wakhuleka wathi: “Inhliziyo yami iyethaba kuSimakade, uSimakade ungiqinisile, manje nginempendulo ezitheni zami, ngiyathokoza, ngokuba ungikhululile.