Nkulunkulu, isihlalo sakho sobukhosi simi kuze kube phakade. Intonga yokulunga iyintonga yombuso wakho.
AmaHubo 2:6 - IsiZulu 2020 “Mina ngiyibekile inkosi yami, entabeni yami engcwele iZiyoni.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Nokho ngibekile iNkosi yami eSiyoni, intaba yami engcwele.” Contemporary Zulu Bible 2024 Nokho ngibeke inkosi yami entabeni yami engcwele iZiyoni. |
Nkulunkulu, isihlalo sakho sobukhosi simi kuze kube phakade. Intonga yokulunga iyintonga yombuso wakho.
“Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: ‘Mina luqobo, ngiyakuthatha esihlokweni somsedari omude, ngitshale, nginqume emagatsheni amasha aphezulu, elithambileyo, ngilitshale entabeni ende ephakemeyo,
“Ezinsukwini zalawo makhosi, uNkulunkulu wasezulwini uyakumisa umbuso ongasoze wachithwa, nobukhosi bawo obungeke bushiyelwe abanye abantu, kepha uyakuchoboza, uqede yonke le mibuso, wona uqobo ume phakade.
Usho kanje uSimakade, uthi: “Ngiyakubuyela eZiyoni, ngihlale phakathi kwalo iJerusalema. IJerusalema liyakubizwa ngokuthi ‘uMuzi Othembekileyo’ nentaba kaSimakade Wamabandla ibizwe ngokuthi: ‘YiNtaba Engcwele.’ ”
UJesu wasondela, wakhuluma kubo, wathi: “Ngiphiwe amandla wonke ezulwini nasemhlabeni.
Wakubeka konke phansi kwezinyawo zakhe, wammisa ukuba abe yinhloko phezu kwakho konke kulo ibandla,
Kepha nize entabeni iZiyoni nasemzini kaNkulunkulu ophilayo, iJerusalema lasezulwini, izigidigidi zezingelosi embuthanweni womkhosi,
Ngabona: nanto iWundlu limi entabeni iZiyoni, likanye nabayizi-144 000, belotshiwe igama lalo negama likaYise emabunzini abo.