Yathi: “Ungamthinti umfana, ungamenzi lutho, ngoba manje sengiyazi ukuthi ungumuntu omesabayo uNkulunkulu, ngokuba awungigodlelanga indodana yakho eyodwa.”
AmaHubo 19:9 - IsiZulu 2020 Ukwesaba uSimakade kungukuhlanzeka, kumi kuze kube phakade. Izehlulelo zikaSimakade ziliqiniso, zilungile zonke. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ukumesaba uJehova kuhlanzekile, kumi kuze kube phakade; imithetho kaJehova iyiqiniso, ilungile yonke. Contemporary Zulu Bible 2024 Ukumesaba uJehova kuhlanzekile, kumi phakade; izahlulelo zikaJehova ziqinisile futhi zilungile. |
Yathi: “Ungamthinti umfana, ungamenzi lutho, ngoba manje sengiyazi ukuthi ungumuntu omesabayo uNkulunkulu, ngokuba awungigodlelanga indodana yakho eyodwa.”
Ngosuku lwesithathu uJosefa wathi kubo: “Yenzani lokhu ukuze niphile, ngokuba ngingumuntu omesabayo uNkulunkulu.
“Kuyakuthi sengikushiyile, uMoya kaSimakade ukuthathe ukuyise lapho ngingazi khona, lapho sengifika ngimbikela u-Ahabi, bese engakufumani, uyakungibulala, kepha mina, nceku yakho, ngiyamesaba uSimakade kwasebusheni bami.
Ababusi engibalandelayo babethwesa abantu umthwalo onzima, befuna intela yokudla newayini, ngaphezu kwezinhlamvu ezingama-40 zesiliva abebevele bezikhokha. Ngisho nezinceku zabo zabacindezela abantu, kodwa mina angenzanga kanjalo, ngenxa yokwesaba uNkulunkulu.
Izindlela zaso zethembekile izikhathi zonke; izehlulelo zakho ziphakeme kakhulu kunokubona kwaso; zonke izitha zaso uyazidelela.
Ukumesaba uSimakade kungukuqala kokuhlakanipha, banengqondo ehluzekile bonke abenza lokho. Udumo lwakhe lumi kuze kube phakade.
Ngifungile, futhi ngakuqinisekisa ukuthi ngizozigcina izehlulelo zakho ezilungileyo.
Ngizakukubonga ngenhliziyo eqotho, lapho ngifunda izehlulelo zakho ezilungileyo.
Ngiyazi Simakade, ukuthi izehlulelo zakho zilungile, nokuthi ngokwethembeka wangijezisa.
Isiphambeko sithi komubi, ekujuleni kwenhliziyo yaso: “Akukho ukwesaba uNkulunkulu phambi kwamehlo akhe.”
Ukulunga kwakho kunjengezintaba ezinkulu, ukwehlulela kwakho kunjengotwa olujulile. Simakade, usindisa abantu nezilwane ngokufanayo.
Ukwesaba uSimakade kungukuzonda okubi. Ukuzikhukhumeza, ukuzidla, indlela embi, nomlomo ophoxayo, ngiyakuzonda.
Simakade siyakulindela endleleni yezehlulelo zakho. Umphefumulo wami ulangazelela igama lakho, nezikhumbuzo zakho.
Angikhulumanga ekusithekeni, endaweni emnyama emhlabeni; angishongo kwabozalo lukaJakobe, ngathi: ‘Ngifuneni ngeze.’ Mina Simakade ngikhuluma ukulunga, ngimemezela okuqotho.
Athi: “UKhorneliyu induna yekhulu, indoda elungileyo nemesabayo uNkulunkulu, futhi enegama elihle esizweni sonke sabaJuda, uyalwe yingelosi engcwele ukuba akubize, uye endlini yakhe, ukuze ezwe amazwi avela kuwe.”
Ngakho-ke bhekani ubumnene nobunzima besandla sikaNkulunkulu kulabo abawa kanzima; kodwa bukuwe ubumnene bukaNkulunkulu, inqobo nje uma uhleli ebubeleni bakhe; nxa kungenjalo, nawe uzakunquma.
Kepha siyazi ukuthi ukwehlulela kukaNkulunkulu kungokweqiniso kulabo abenza izinto ezinjalo.
Yisiphi isizwe esikhulu esinezimiso nezehlulelo ezilungile njengawo wonke lo mthetho engiwubeka phambi kwenu namuhla na?
Bahlabelela igama likaMose, inceku kaNkulunkulu negama leWundlu, bathi: “Mikhulu, iyamangalisa imisebenzi yakho, Nkosi Nkulunkulu, Somandla; zilungile, ziqinisile izindlela zakho, wena Nkosi yezizwe.
Ngase ngizwa i-althare, lithi: “Yebo, Nkosi Nkulunkulu Somandla, ziqinisile, futhi zilungile izehlulelo zakho.”
ngokuba ziqotho, futhi zilungile izehlulelo zakhe, ngokuba usehlulele isifebe esikhulu esonakalisa umhlaba ngobufebe baso, uliphindiselele igazi lezinceku zakhe esandleni saso.”
Yesabani uSimakade Yena yedwa, nimkhonze ngeqiniso, ngenhliziyo yenu yonke, nikhumbule izinto ezinkulu anenzele zona.