AmaHubo 19:6 - IsiZulu 2020 Liphuma emikhawulweni yamazulu, lizungeze lize liyozilahla ekugcineni kwayo; akukho lutho olufihlakele ekushiseni kwalo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ukuphuma kwalo kusemkhawulweni wezulu; ukuzungeza kwalo kuya ekugcineni kwalo; akukho okufihlelwe ukushisa kwalo. Contemporary Zulu Bible 2024 Ukuphuma kwalo kusukela emkhawulweni wezulu nokujikeleza kwalo kuya emikhawulweni yalo, futhi akukho okufihlekile ekushiseni kwalo. |
Ukhona yini ongabala amaviyo akhe na? Ngubani ukukhanya kwakhe okungamkhanyiseli na?
uma kambe nihlala ekukholweni, nisekeliwe, nigxilile, futhi ningagudluzwa ethembeni levangeli enalizwayo, elashunyayelwa kukho konke okudaliweyo okuphansi kwezulu, engenziwa isikhonzi salo mina Phawula.
“Simakade, sengathi zingabhubha zonke izitha zakho! Kodwa abakuthandayo mabafane nelanga liphuma ngamandla alo.” Izwe lalinokuthula iminyaka engama-40.