AmaHubo 19:5 - IsiZulu 2020 eliphuma kulo njengomyeni ephuma elawini, nanjengendoda enamandla, ligijima endleleni yalo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Lona linjengomyeni ephuma ekamelweni lakhe; lijabulisa okweqhawe ukugijima endleleni yalo. Contemporary Zulu Bible 2024 onjengomyeni ephuma ekamelweni lakhe futhi ejabula njengendoda enamandla ukugijima umncintiswano. |
Ngiyothokoza kakhulu ngoSimakade, umphefumulo wami wename ngoNkulunkulu wami, ngokuba ungembathise izingubo zensindiso, wangisibekela ngesembatho sokulunga, okomyeni ethwele umshuqulu njengomphristi, nanjengomakoti ezihlobise ngemvunulo.
Njengensizwa iganwa yintombi, kanjalo amadodana akho ayakuganwa nguwe, nanjengokuthokoza komyeni ngomakoti wakhe, uNkulunkulu wakho uyakuthokoza ngawe.
Lowo onomakoti, ungumyeni; kepha umngani omise umyeni uyathokoza lapho ezwa izwi lomyeni. Ngakho-ke ukuthokoza kwami sekuphelelisiwe.